Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YURI LASHOV/AFP via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

AmaKristu Nempi—Lithini IBhayibheli?

AmaKristu Nempi—Lithini IBhayibheli?

 Njengoba sibonile phakathi nezinxushunxushu zase-Ukraine, abaholi abaningi benkolo yobuKristu bayigqugquzela ngentshiseko impi. Phawula indlela abanye abefundisi abasekela ngayo uhlangothi olulodwa lwempi, kuyilapho abanye besekela olunye:

  •   “Siyabonga siyanconcoza kuwo wonke amaqhawe ethu avikele izwe lawo lase-Ukraine kubahlaseli . . . Sinani ngezinhliziyo, sihlale sinithandazela futhi siyanisekela.”—UMetropolitan Epiphanius I waseKyiv, njengoba kubika i-Jerusalem Post, ngoMashi 16, 2022.

  •   “Umholi weSonto Lama-Orthodox LaseRussia, wenzela amasosha aseRussia inkonzo ngeSonto lapho awakhuthaza khona ukuba avikele izwe lawo ‘njengoba kungabantu baseRussia kuphela abangakwazi ukwenza lokho’ njengoba iMoscow iqhubeka ihlasela i-Ukraine.”—Ngokwe-Reuters, ngo-Ephreli 3, 2022.

 Kufanele yini amaKristu ahlanganyele empini? Lithini iBhayibheli?

Okushiwo yiBhayibheli

 IBhayibheli libonisa ukuthi abalandeli bakaJesu Kristu bangempela abahlanganyeli empini.

  •   “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayofa ngenkemba.”—Mathewu 26:52.

     Ingabe umuntu ovuna impi noma oya empini uyawalalela ngempela la mazwi kaJesu?

  •   “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.”—Johane 13:34, 35.

     Ingabe umuntu osekela impi ubonisa uthando uJesu athi abafundi noma abalandeli bakhe bayobonakala ngalo?

 Ukuze uthole okunye, funda isihloko esithi “Ingabe Impi Iyahambisana NobuKristu?

AmaKristu nempi namuhla

 Kunengqondo yini ukulindela ukuba amaKristu angahlanganyeli empini namuhla? Yebo. IBhayibheli labikezela ukuthi kulesi sikhathi esiphila kuso, okuyinkathi ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ kwakuyoba nabantu abavela kuzo zonke izizwe ‘abangeke besayifunda impi,’ ngokuvumelana nezimfundiso zikaJesu.—Isaya 2:2, 4.

 Maduze uJehova, a “uNkulunkulu wokuthula,” uzosebenzisa uhulumeni wakhe wasezulwini ukuze akhulule abantu “ekucindezelweni nasebudloveni.”—Filipi 4:9; IHubo 72:14.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.