Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Ukunyuka Ngokushesha Kwamanani Ezinto Emhlabeni Wonke—Lithini IBhayibheli?

Ukunyuka Ngokushesha Kwamanani Ezinto Emhlabeni Wonke—Lithini IBhayibheli?

 Embikweni wangoJuni 2022 umongameli we-World Bank Group waxwayisa: “Isimo somnotho somhlaba sesibuye saba sengozini. Kulokhu, amanani ezinto anyuka ngokushesha okukhulu kuyilapho abantu bengenayo imali eyanele yokuthenga.”

 I-International Monetary Fund ithi: “Amanani kaphethiloli nawokudla anyuke ngokushesha okukhulu, ashiya abantu abahlala emazweni ahluphekayo bedonsa kanzima.”

 IBhayibheli lisisiza siqonde ukuthi kungani kunalezi zinkinga zomnotho, singabhekana kanjani nazo nokuthi yiliphi ithemba esingaba nalo lokuthi zizoxazululwa phakade.

Ukunyuka kwamanani “ezinsukwini zokugcina”

  •   IBhayibheli libiza le nkathi esiphila kuyo ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’—2 Thimothewu 3:1.

  •   UJesu wathi kule nkathi kuyokuba ‘nemibono eyesabekayo’ noma izenzakalo ezesabisayo. (Luka 21:11) Ukunyuka ngokushesha kwamanani kuyasabisa. Abantu bayakhathazeka ngekusasa labo nokuthi bazokwazi yini ukondla imindeni yabo.

  •   Incwadi yesAmbulo yabikezela ngokunyuka kwamanani okudla kulesi sikhathi esiphila kuso. “Ngezwa okuthile okwakuzwakala njengezwi. . . . Lathi, ‘Ilitha likakolweni noma amalitha amathathu ebhali kuzobiza umholo wosuku lonke.’”—IsAmbulo 6:6, ngokwe-Easy-to-Read Version.

 Ukuze ufunde okunye mayelana ‘nezinsuku zokugcina’ nesiprofetho esisencwadini yesAmbulo, bukela ividiyo ethi Umhlaba Uye Washintsha Kusukela Ngo-1914 ufunde nesihloko esithi “Abagibeli Bamahhashi Abane—Bangobani?

Isixazululo sazo zonke izinkinga zomnotho

  •   “Bayokwakha izindlu bahlale kuzo, bayotshala amasimu amagilebhisi badle izithelo zawo. Ngeke bakhe bese kuhlala omunye, ngeke batshale bese kudla abanye.”—Isaya 65:21, 22.

  •   “Kuyoba nenala yokudla okusanhlamvu emhlabeni; kuyochichima phezu kwezintaba.”—IHubo 72:16.

  •   “‘Ngenxa yokuthi abahluphekile bayacindezelwa, ngenxa yokububula kwabampofu, ngizothatha isinyathelo,’ kusho uJehova.”—IHubo 12:5. a

 Maduze uNkulunkulu uzoziqeda lezi zimo zomnotho ezivuna abathile, hhayi ezweni elilodwa kuphela kodwa emhlabeni wonke. Ukuze ubone ukuthi uzokwenza kanjani lokho, funda isihloko esithi “Ingabe Isimo Sezomnotho Esanelisa Bonke Abantu Siyoke Sibe Khona?

 Kodwa ngisho kwamanje, iBhayibheli lingakusiza ubhekane namanani anyukayo. Kanjani? Linezeluleko eziwusizo zendlela ongayisebenzisa ngayo imali ngokuhlakanipha. (IzAga 23:4, 5; UmShumayeli 7:12) Ukuze ufunde okunye, funda isihloko esithi “Vikela Imali Nezinto Onazo” nesithi “Indlela Ongaphila Ngayo Ngokuncane.”

a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.