Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

mustafahacalaki/DigitalVision Vectors via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Amarobhothi Alingisa Abantu—Ayisibusiso Noma Ayisiqalekiso?—Lithini IBhayibheli?

Amarobhothi Alingisa Abantu—Ayisibusiso Noma Ayisiqalekiso?—Lithini IBhayibheli?

 Muva nje, abaholi bezwe, ososayensi kanye nochwepheshe, baphawule ngegalelo lamarobhothi alingisa abantu abizwa ngokuthi i-artificial intelligence (AI). Nakuba bevuma ukuthi awusizo, baphinde bazwakalisa nokukhathazeka ngokuthi angase asetshenziswe kabi.

  •   “La marobhothi aphakathi kobuchwepheshe obuhamba phambili namuhla, angathuthukisa ngisho nezimpilo zabantu . . . Noma kunjalo, angadala umonakalo omkhulu kwezokuphepha, aphuce abantu amalungelo abo, enze nabantu bengamethembi uhulumeni.”—UKamala Harris, iphini likamengameli wase-United States, Meyi 4, 2023.

  •   “Nakuba la marobhothi (AI) engaba usizo kwezokwelapha, angaphinde futhi abe yingozi kubantu,” kubhala iqembu lodokotela nezazi zezokwelapha ziholwa uDkt. Frederik Federspiel, esihlokweni esanyatheliswa ngoMeyi 9, 2023, kuyi-BMJ Global Health. a

  •   “Kungenzeka abantu sebesebenzisa la marobhothi njengethuluzi lokusakaza amanga. Kungekudala, azothatha imisebenzi yabantu. Abanye abasebenza ngezobuchwepheshe bakhathazeke ngokuthi esikhathini esizayo la marobhothi angafaka ukuphila kwabantu engozini.”—I-New York Times, Meyi 1, 2023.

 Kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi la marobhothi azosetshenziswa kahle noma azosetshenziswa kabi. Lithini iBhayibheli?

Okwenza imizamo yabantu ishayise ngovalo

 IBhayibheli liveza ukuthi kungani abantu bengeke bagomele ngokuthi ezobuchwepheshe abazakhayo zizosetshenziselwa ukwenza okuhle kuphela.

  1.  1. Ngisho noma abantu benezinhloso ezinhle, bangase bangakwazi ukubona ububi obungabangelwa yizenzo zabo esikhathini esizayo.

    •   “Kukhona indlela ebonakala iyinhle kumuntu, kodwa isiphetho sayo ukufa.”—IzAga 14:12.

  2.  2. Akekho umuntu ongalawula indlela abanye abantu abazowusebenzisa ngayo umsebenzi wakhe.

    •   “Kumele [umsebenzi wami ngiwushiyele] umuntu oza ngemva kwami. Futhi ubani owaziyo ukuthi uyoba ngohlakaniphile yini noma oyisiwula? Nokho uyothatha zonke izinto engachitha amandla ami kanye nokuhlakanipha ukuze ngiziqongelele phansi kwelanga.”—UmShumayeli 2:18, 19.

 Lokho kusitshela ukuthi siyadinga ukuqondiswa uMdali wethu.

Ubani esingamethemba?

 UMdali wethu usithembisa ukuthi akasoze avumele abantu nanoma yibuphi ubuchwepheshe ababakhayo ukuba kubhubhise umhlaba noma isintu.

  •   “Umhlaba uhlala kuze kube phakade.”—UmShumayeli 1:4.

  •   “Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

 UMdali wethu usebenzisa iBhayibheli ukuze asinike isiqondiso esizosenza sibe nekusasa elinokuthula neliphephile. Ukuze ufunde kabanzi ngalokho iBhayibheli elikushoyo, funda isihloko esithi “Yini Engakusiza Ube Nekusasa Elilondekile?” nesithi “Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono.”

a Kuvela esihlokweni esithi “Threats by Artificial Intelligence to Human Health and Human Existence,” esabhalwa uFrederik Federspiel, uRuth Mitchell, u-Asha Asokan, uCarlos Umana, noDavid McCoy.