Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Umhlaba Usuzogoqwa? Ingabe IBhayibheli Lithi Konke Kuzobhujiswa?

Ingabe Umhlaba Usuzogoqwa? Ingabe IBhayibheli Lithi Konke Kuzobhujiswa?

 Ingabe ucabanga ukuthi umhlaba uzobhujiswa? Mhlawumbe ucabanga ukuthi lokho kuzokwenzeka ngenhlekelele ezokwehlela umhlaba wonke. Abanye bakholelwa ukuthi leyo nhlekelele isiseduze, ikakhulukazi uma befunda imibiko yezindaba efana nale:

  •   “Impi yezikhali zenuzi ezilalisa uyaca ingaba khona ngempela. Kungenzeka iqale ngenhloso, ngephutha noma ngenxa yokungaqondi kahle.”—I-Bulletin of the Atomic Scientists.

  •   “Kule minyaka eyishumi edlule kuye kwaba nokwanda okukhulu kweziphepho, imililo yamahlathi, izomiso, ukuphela kwemibala yamakhorali, ukushisa okukhulu kanye nezikhukhula.”—I-National Geographic.

  •   “Isikhonyane siye senza umonakalo omkhulu kakhulu kulama shumi eminyaka adlule e-Afrika.”—I-The Associated Press.

 Ingabe umhlaba uzobhujiswa enhlekeleleni ezayo? Lithini iBhayibheli?

Ingabe sekuzophela ngeplanethi yethu ewumhlaba?

 Cha. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyasiqinisekisa ngokuthi umhlaba uyohlala kuze kube phakade. (UmShumayeli 1:4) Kunokubhubhisa umhlaba awudala, uNkulunkulu ‘uzobhubhisa labo abacekela phansi umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

Ingabe umhlaba usuzogoqwa?

 Abantu abenza lokho abakufunayo esikhundleni sokwenza lokho okufunwa uNkulunkulu yibo iBhayibheli elithi ‘bayizwe’ elizobhujiswa. Njengasezikhathini zikaNowa, uNkulunkulu uzoqeda ‘izwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’—2 Petru 2:5; 3:7.

 Njengoba eyoku-1 Johane 2:17 isho, “izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo.” Leli vesi libonisa ukuthi uNkulunkulu uzobhubhisa abantu abaqhubeka benza izinto ezingalungile, hhayi iplanethi yethu ewumhlaba.

Kuzofika nini ukuphela?

 IBhayibheli alisitsheli ngokuqondile usuku okuyofika ngalo ukuphela. (Mathewu 24:36) Kodwa liyasibonisa ukuthi sekusondele. IBhayibheli libikezela lokhu:

 Abantu abaningi baye bavuma ukuthi kusukela ngo-1914, izinto ezenzeka emhlabeni ziye zafana nalezo ezabikezelwa iBhayibheli, nokuthi ukuphela kuseduze. Ukuze ufunde okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Ukulandelana Kwezenzakalo ZeBhayibheli Ngokohlelo Lwezikhathi Kubonisani Ngonyaka Ka-1914?” nesithi “Siyini Isibonakaliso ‘Sezinsuku Zokugcina’ Noma ‘Ukuphela’?

Ingabe incwadi yokugcina yeBhayibheli ibikezela ukuthi konke kuzobhujiswa?

 Incwadi yokugcina yeBhayibheli ikhuluma ngesikhathi ‘sokwambulwa kweNkosi uJesu,’ lapho iza inamandla okususa bonke ububi emhlabeni futhi inike umvuzo labo abakhonza uNkulunkulu.—2 Thesalonika 1:6, 7; 1 Petru 1:7, 13.

 Le ncwadi isitshela ngezenzakalo eziseza. (IsAmbulo 1:1) Inezindaba ezinhle nomyalezo onikeza ithemba. (IsAmbulo 1:3) Ibonisa ukuthi uNkulunkulu uzokuqeda konke ukungabi nabulungisa, enze umhlaba ube ipharadesi. Ngaleso sikhathi abantu ngeke baphinde bezwe ubuhlungu bahlupheke noma bafe.—IsAmbulo 21:3, 4.

 Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngalezi zithembiso zeBhayibheli ezimangalisayo? OFakazi BakaJehova banohlelo lwesifundo seBhayibheli samahhala esingakusiza. Ungabathinta noma nini.