Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

hadynyah/E+ via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Indlala Ebangelwa Impi Nesimo Sezulu—Lithini IBhayibheli?

Indlala Ebangelwa Impi Nesimo Sezulu—Lithini IBhayibheli?

 Impi yase-Ukraine, kanye nokwenyuka kwamazinga okushisa kusaqhubeka nokudala umonakalo omkhulu ezindaweni ezikhiqiza ukudla emhlabeni. Le nto yenzeka kakhulu emazweni anabantu abaningi abanenkinga yokuthola ukudla okwanele.

  •   “Ukukhiqizwa kokudla kuphazanyiswa izimpi, ukwenyuka kwamazinga okushisa, ukubiza kwezinto eziphehla amandla nokunye.”—U-António Guterres, unobhala-jikelele we-UN, Julayi 17, 2023.

  •   “Izazi zicabanga ukuthi njengoba iRussia ingasasifaki isandla ekudleni okusuka e-Ukraine, lokho kuzokwenza ukudla kushode nakakhulu emhlabeni futhi kubize kakhulu emazweni antulayo, ikakhulukazi emazweni aseNyakatho ye-Afrika naseMpumalanga Ephakathi.”—i-Atalayar.com, Julayi 23, 2023.

 Funda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngenkinga yokudla nekusasa lethu.

IBhayibheli layibikezela inkinga yokudla

  •   UJesu waprofetha: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla.”Mathewu 24:7.

  •   Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ikhuluma ngabagibeli bamahhashi abane abangokomfanekiso. Omunye wabo umelela impi. Ulandelwa umgibeli omelela indlala, okuyisikhathi okuyoncipha ngaso ukudla, kudayiswe ngemali enkulu. “Ngabona ihhashi elimnyama, lowo oligibele wayephethe isikali esandleni sakhe. Ngezwa okunjengokungathi izwi . . . Lithi: ‘Ilitha likakolweni lizobiza umholo wosuku lonke! Namalitha amathathu ebhali azobiza umholo wosuku lonke.’”—IsAmbulo 6:5, 6, iContemporary English Version.

 Lezi ziprofetho zeBhayibheli ezimayelana nenkinga yokudla ziyagcwaliseka manje kule nkathi iBhayibheli eliyibiza ‘ngezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Ukuze ufunde kabanzi ‘ngezinsuku zokugcina’ nangabagibeli bamahhashi abane besAmbulo, buka ividiyo ethi Umhlaba Uye Washintsha Kusukela Ngo-1914 futhi ufunde isihloko esithi “Abagibeli Bamahhashi Abane—Bangobani?

Indlela iBhayibheli elingasiza ngayo

  •   IBhayibheli linamacebiso asebenzayo angasisiza sibhekane nezimo ezinzima, okuhlanganisa ukwenyuka kwamanani okudla kanye nokushoda kokudla. Funda ngezinye isibonelo esihlokweni esithi “Indlela Ongaphila Ngayo Ngokuncane.”

  •   IBhayibheli lisithembisa nokuthi izinto zizoba ngcono. Lithi kuza isikhathi lapho “kuyoba nenala yokudla okusanhlamvu emhlabeni,” wonke umuntu uyobe ekhomba ngophakathi. (IHubo 72:16) Ukuze ufunde kabanzi ngaleli themba lekusasa nokuthi kungani kumele ulethembe funda isihloko esithi “Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono.”