Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela UNkulunkulu Azinakekela Ngayo Izithulu

Indlela UNkulunkulu Azinakekela Ngayo Izithulu

 Babalelwa ezigidini ezingu-70 abantu abayizithulu emhlabeni, abaningi bakhuluma olunye lwezilimi zezandla kwezingaphezu kuka-200 ezikhona. Okubuhlungu ukuthi sekuyinto evamile ukuthi abantu abayizithulu bangaphathwa kahle, nazi ezinye zezibonelo zalokho:

  •   “Emhlabeni wonke, ngokuvamile awanakwa amalungelo ezithulu nabantu abangezwa kahle.”​—I-National Association of the Deaf (U.S.).

  •   “Emazweni asafufusa, abantu abayizithulu baphakathi kwabantu abahlupheka kakhulu, kuba umzukuzuku ukuthi bathole imfundo, baqashwe futhi bathole imininingwane abayidingayo.”​—I-World Federation of the Deaf.

 UNkulunkulu uzizwa kanjani ngabantu abayizithulu? Lithini iBhayibheli ngezithulu? Yini eyenziwa oFakazi BakaJehova ukuze basize izithulu?

Indlela UNkulunkulu Abheka Ngayo Izithulu

 IBhayibheli lisifundisa ukuthi uJehova a uNkulunkulu uyazikhathalela izithulu. Ufuna ziphathwe ngobulungisa futhi zingasali ngaphandle emfundweni evela kuye.

 UmBhalo: “Ungamqalekisi umuntu oyisithulu.”​—Levitikusi 19:14.

 Incazelo: UMthetho uJehova awunikeza ama-Israyeli wawuvikela amalungelo abayizithulu.

 UmBhalo: “UNkulunkulu akakhethi.”​—IzEnzo 10:34.

 Incazelo: UJehova ukhathalela bonke abantu bezinhlanga ezahlukene, bezizinda ezingafani, izilimi kuhlanganise nabayizithulu.

 UmBhalo: “UJesu wathatha uhambo . . . , eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso.”​—Mathewu 9:35.

 Incazelo: UJesu weza emhlabeni ezofundisa abantu ngoMbuso kaNkulunkulu, wabatshela nalokho ozokwenzela bonke abantu​—okukhona kubo nabayizithulu.​—Mathewu 6:10.

 UmBhalo: UJesu wenza ngisho ‘nezithulu zezwa nabangakhulumi bakhuluma.’​—Marku 7:37.

 Incazelo: UJesu wabonisa lokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenzela abayizithulu lapho sebekwazi ukukhuluma nokuzwa. Ngomusa, uJesu wakhuluma ngezandla nendoda eyisithulu ngaphambi kokuba ayenze iphinde izwe futhi ikhulume.​—Marku 7:31-35.

 UmBhalo: “Nezindlebe zabayizithulu ziyovulwa”​—Isaya 35:5.

 Incazelo: UJehova wabikezela ukuthi abayizithulu bayophinde bakwazi ukuzwa.​—Isaya 29:18.

OFakazi BakaJehova Babasiza Kanjani Abayizithulu Namuhla?

 OFakazi BakaJehova baxoxela abayizithulu umyalezo kaNkulunkulu obanikeza ithemba emhlabeni wonke. Sikwenza kanjani lokhu? Sikhiqiza iBhayibheli namavidiyo asisiza sitadishe iBhayibheli ngezilimi zezandla ezingaphezu kwekhulu. Siphinde sifundise ngeBhayibheli futhi sihlele imihlangano yamaKristu ngolimi lwezandla. Sifundisa wonke umuntu ofuna ukufunda ngoNkulunkulu mahhala. Kungani? Kungenxa yokuthi uJesu wasiyala: “Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.”​—Mathewu 10:8.

 Lokhu kwaziswa ungakuthola kuyi-inthanethi noma ukudawunilode emshinini wakho wezobuchwepheshe kulezi zindawo ezilandelayo:

 Ku-JW.ORG. Chofoza inkinobho ebonisa ulimi etholakala phezulu kunoma yiliphi ikhasi lewebusayithi ukuze uthole ukwaziswa ngolimi lwezandla olufunayo.

 Ku-JW Library Sign Language. Dawuniloda le-app emshinini wakho mahhala, ukuze ukwazi ukubukela nokudawuniloda amavidiyo olimi lwezandla.

Yiziphi Izinhlelo Zokufundisa IBhayibheli Esinazo?

 IBhayibheli ngolimi lwezandla. INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yoLimi Lwezandla LwaseMelika yayingeyokuqala emhlabeni wonke eyake yakhiqizwa ngolimi lwezandla. INguqulo Yezwe Elisha manje isitholakala iphelele noma iyingxenye ngezilimi zezandla eziningi, futhi kunezelwa ezinye unyaka ngamunye. (Ukuze ubone uhlu lwezilimi noma ubukele iBhayibheli ku-inthanethi bheka ibhokisi elithi, “ INguqulo Yezwe Elisha NgoLimi Lwezandla.”)

  •   Bukela ividiyo ethi Isiyatholakala INguqulo Yezwe Elisha NgoLimi Lwezandla LwaseMelika ukuze ufunde ngomsebenzi owenziwa lapho kukhiqizwa iBhayibheli ngolimi lwezandla.

  •   Dawuniloda i-app ethi JW Library Sign Language ukuze uthole ukufundwa kweBhayibheli okusadrama. Le-app ikuvumela ukuba ukwazi ukukhetha amavesi athile eBhayibheli ngolimi lwezandla.

  •   UDmytro noVita bangabazali abaziyithulu kodwa izingane ziyakwazi ukuzwa. Bona ukuthi bonke kubasiza kanjani nsuku zonke ukubukela iBhayibheli ngolimi lwezandla.

 Amavidiyo afundisa ngeBhayibheli. OFakazi BakaJehova baye bakhiqiza amavidiyo olimi lwezandla ukuze basize abantu baqonde futhi basebenzise iseluleko seBhayibheli esisiza . . .

 Isifundo seBhayibheli. Funda iBhayibheli ngolimi lwezandla nomunye woFakazi BakaJehova ngesikhathi esivumelana nawe. Cela ukubona ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli samahhala.

 UJeson Senajonon uhlala ePhilippines. Bona ukuthi isifundo seBhayibheli samsiza kanjani waba nobungani obuseduze noNkulunkulu.

 UMario Antúnez wayengumfundisi esontweni eHonduras. Thola ukuthi wazithola kanjani izimpendulo zemibuzo ayenayo ngeBhayibheli, njengoba elandisa indaba yakhe esihlokweni esithi “Nganginemibuzo Eminingi Ngingenazo Izimpendulo.”

 Imihlangano nezenzakalo. Sinamabandla olimi lwezandla kanye namaqembu emhlabeni wonke, lapho abantu abayizithulu behlangana khona ukuze bakhonze futhi bafunde isonto ngalinye. Sihlela nemihlangano emikhulu yolimi lwezandla efundisa ngeBhayibheli unyaka ngamunye. Emihlanganweni yethu sibahumushela ngokuthinta izandla labo abangezwa futhi abangaboni. Senza nezincwadi ze-braille ezitholakala mahhala.

 UJosé Luis Ayala uhlala eMexico. Wazalwa eyisithulu, ngokuhamba kwesikhathi waba yimpumputhe. Thola ukuthi wasizwa yini ukuze abe umfundisi weBhayibheli onekhono.

a UJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?