Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

kovop58/stock.adobe.com

HLALANI NILINDILE!

Ingabe Ama-Olympic Angakwazi Ngempela Ukwenza Abantu Babe Nobunye?—⁠Lithini IBhayibheli?

Ingabe Ama-Olympic Angakwazi Ngempela Ukwenza Abantu Babe Nobunye?—⁠Lithini IBhayibheli?

 Kulinganiselwa ukuthi kuma-Olympic Asehlobo Ka-2024, abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezinhlanu bayobe bebukele abangenele lo mqhudelwano abavela emazweni angu-206. UThomas Bach, ongumongameli we-International Olympic Committee wathi, “Siyingxenye yemidlalo eyenza abantu emhlabeni wonke babe munye. Masibe nomoya ogqugquzelwa ama-Olympic wokuthi bonke abantu kufanele baphile ngokuthula futhi babe munye, nakuba bengefani.”

 Ingabe ama-Olympic angakwazi ukuzifeza lezi zinhloso ezinhle? Singakwazi yini ukuba nokuthula nobunye kwangempela?

Angabenza yini abantu babe nokuthula nobunye?

 Ama-Olympic alo nyaka aye enza abantu bacabanga ngezemidlalo nokunye. Le midlalo iye yaqhakambisa izinto ezihlukanisa abantu ngokwezepolitiki nezenhlalo. Lezi zinto zihlanganisa amalungelo abantu, ubandlululo ngokobuhlanga, ukucwasa ngokwenkolo nokungalingani kwabantu.

 Imidlalo yomhlaba wonke efana nama-Olympic ijabulisa abantu. Nokho, le midlalo iphinde yembule futhi igqugquguzele izenzo nokucabanga okwenza abantu bahlukane phakathi, kunokubenza babe nokuthula nobunye.

 IBhayibheli labikezela indlela yokucabanga eyenza kube nzima ngabantu ukuba babe nobunye namuhla. (2 Thimothewu 3:1-5) Ukuze ufunde okwengeziwe ngalesi siprofetho seBhayibheli, bheka isihloko esithi, “Ingabe IBhayibheli Layibikezela Indlela Abantu Abacabanga Nabenza Ngayo Namuhla?

Ithemba langempela lokuthula nobunye emhlabeni wonke

 IBhayibheli linethemba langempela lokuthula nobunye emhlabeni wonke. Lithembisa ukuthi abantu emhlabeni wonke bazoba munye ngaphansi kokubuswa uhulumeni wasezulwini obizwa ngokuthi ‘uMbuso kaNkulunkulu.’—Luka 4:43; Mathewu 6:10.

 INkosi yalowo Mbuso, uJesu Kristu, izokwenza kube nokuthula emhlabeni wonke. IBhayibheli lithi:

  •   “Olungile uyoqhakaza, nokuthula kuyochichima.”—IHubo 72:7.

  •   “Iyokhulula ompofu okhalela usizo . . . Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHubo 72:12, 14.

 Ngisho kwamanje izimfundiso zikaJesu zenza izigidi zabantu ezisemazweni angu-239 zibe nobunye. Njengoba bengamaKristu, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baye bafunda ukuba nokuthula. Ukuze uthole ukuthi bakwenza kanjani lokhu, funda INqabayokulinda enesihloko esithi, “Ukunqoba Ukuzondana Okungapheli.”