Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Impi Yase-Ukraine Iyenza Ibe Yimbi Nakakhulu Inkinga Yokusweleka Kokudla Emhlabeni Wonke

Impi Yase-Ukraine Iyenza Ibe Yimbi Nakakhulu Inkinga Yokusweleka Kokudla Emhlabeni Wonke

 NgoMeyi 19, 2022, i-United Nations Security Council yathola umbiko ovela ezikhulwini eziphezulu zikahulumeni ezingaphezu kuka-75 wokuthi “inkinga yokusweleka kokudla, eye yabhebhethekiswa ubhubhane lwe-COVID-19 nokushintsha kwesimo sezulu, impi yase-Ukraine iyenze yaba yimbi nakakhulu emhlabeni wonke.” Ngemva nje kwalokho, i-Economist yabika ukuthi “impi izokwenza lonke leli zwe elintengantengayo lingene esikhathini sendlala.” IBhayibheli labikezela ukuthi lokhu kusweleka kokudla kwakuyokwenzeka kulesi sikhathi esiphila kuso, kodwa libuye lisisize ngokusinikeza indlela yokubhekana nakho.

IBhayibheli labikezela ngokusweleka kokudla

  •    UJesu waprofetha: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla.Mathewu 24:7.

  •    Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ikhuluma ngabagibeli bamahhashi abane abangokomfanekiso. Omunye walabo bagibeli bamahhashi ufanekisela impi. Ulandelwa omunye umgibeli ofanekisela indlala, okuyisikhathi okuyoba nzima ngaso ukuthola ukudla nalapho kuzobe kubiza khona kakhulu. “Ngabona ihhashi elimnyama, futhi lowo oligibele wayephethe isikali esandleni sakhe. Ngezwa okuzwakala njengezwi . . . Lathi, ‘Ilitha likakolweni lizobiza wonke umholo wosuku olulodwa! Amalitha amathathu kabhali nawo azobiza umholo wosuku.’”—IsAmbulo 6:5, 6, i-Contemporary English Version.

 Lezi ziprofetho zeBhayibheli zenkinga yokusweleka kokudla ziyagcwaliseka manje kule nkathi iBhayibheli eyibiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Ukuze ufunde okunye ophathelene ‘nezinsuku zokugcina’ nabagibeli bamahhashi abane okukhulunywa ngabo encwadini yesAmbulo, bukela ividiyo ethi Umhlaba Uye Washintsha Kusukela Ngo-1914 ufunde nesihloko esithi “Abagibeli Bamahhashi Abane—Bangobani?

Indlela iBhayibheli elingasiza ngayo

  •    IBhayibheli linezeluleko eziwusizo ezingasisiza sibhekane nezimo ezinzima, ezihlanganisa ukunyuka kwamanani okudla ngisho nokusweleka kwako. Bheka ezinye zezibonelo zalokhu esihlokweni esithi “Indlela Ongaphila Ngayo Ngokuncane.”

  •    IBhayibheli lisinikeza nethemba lokuthi izinto zizoba ngcono. Lithembisa ukuthi kunesikhathi lapho “kuyoba nenala yokudla okusanhlamvu emhlabeni” lapho wonke umuntu eyoba nokudla okuningi. (IHubo 72:16) Ukuze ufunde okuningi okuthenjiswa iBhayibheli ngekusasa nokuthi kungani ungakwethemba lokho, funda isihloko esithi “A Real Hope for a Better Tomorrow.”