Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Justin Paget/​Stone via Getty Images

Sidla Lubi Isizungu​—⁠Yini Engakusiza?

Sidla Lubi Isizungu​—⁠Yini Engakusiza?
  •   “Cishe uhhafu wentsha eMelika ukhala ngesizungu, lokhu kwenzeka kakhulu ezinsizweni nasezintombini.”—Incwadi ethi Our Epidemic of Loneliness and Isolation: The U.S. Surgeon General’s Advisory on the Healing Effects of Social Connection and Community, 2023.

  •   “[I-World Health Organization] imemezele iKhomishana entsha enikwe umsebenzi wokwenza ucwaningo ngesizungu esibhekwa njengosongo olukhulu empilweni, iphinde ikhuthaze abantu ukuba bakhe ubungani nabanye bese ithola izindlela ezingcono zokulwa nesizungu kuwo wonke amazwe, kungakhathaliseki ukuthi lawo mazwe ahlwempu kangakanani.”—I-World Health Organization, Novemba 15, 2023.

 IBhayibheli linamacebiso angasisiza sakhe ubungani nabanye, singabi nesizungu.

Amavesi eBhayibheli angaba usizo

 Nciphisa izinto ezikuhlukanisa kwabanye. Phakathi kwalezo zinto singabala ukusebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana. Zama ukufuna amathuba okuba nabantu, wenze abangani beqiniso.

  •   Okushiwo iBhayibheli: “Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

 Funa amathuba okusiza abanye. Ukwenzela abanye izinto ezinhle akugcini nje ngokuqinisa ubudlelwano bethu nabo, kodwa nathi kusenza sijabule.

  •   Okushiwo iBhayibheli: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

 Vula iwebusayithi yethu ukuze uthole eminye imininingwane evela eBhayibhelini mayelana nendlela yokwakha ubungani obuqotho.