Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Anna Moneymaker/Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Ososayensi Bahambisa Isikhathi EWashini Lembubhiso—Lithini IBhayibheli?

Ososayensi Bahambisa Isikhathi EWashini Lembubhiso—Lithini IBhayibheli?

 Ngomhla ka-24 Januwari, 2023, ososayensi bathi sekusele kancane kushaye u-12 wasebusuku eWashini Lembubhiso, a okuyinto echaza ukuthi sekuzophela ngalo mhlaba.

  •   “IWashi Lembubhiso lisitshela ukuthi isintu sisengcupheni yokuthi siziqothule sona. NgoLwesibili, ososayensi basondeze leli washi ku-12 wasebusuku ngenxa yezigameko ezifana nempi yase-Ukraine, ukwesaba impi okusetshenziswa kuyo izikhali zenuzi kanye nokuba sengozini komhlaba ngenxa yesimo esibi sezulu, leli washi alikaze lisondele kangaka phakathi kwamabili.”—I-AFP International Text Wire.

  •   “NgoLwesibili, ososayensi baveze ukuthi isikhathi siqhutshekiselwe phambili ‘eWashini Lembubhiso,’ sekusele imizuzwana engu-90 kushaye u-12 wasebusuku—isintu asikaze sisondele ngale ndlela kuyi-Armagedoni.”—Izindaba Ze-ABC.

  •   “Isigungu sososayensi sithe kusukela endulo, isintu asikaze sichayeke kangaka engozini.”—I-The Guardian.

 Ingabe sekuzophela ngesintu nangomhlaba? Sikhona yini isidingo sokwesaba ukuthi ikusasa liza nani? Lithini iBhayibheli?

Lisiphatheleni ikusasa?

 IBhayibheli lithi, “umhlaba uhlala kuze kube phakade” liphinde lithi kuyoba nabantu ‘abayohlala kuwo kuze kube phakade.’ (UmShumayeli 1:4; IHubo 37:29) Lokho kusho ukuthi abantu ngeke bawubhubhise umhlaba noma benze kungahlaleki kuwo wonke umhlaba.

 Yize kunjalo, iBhayibheli liyakhuluma ngesiphelo. Ngokwesibonelo, lithi “izwe liyadlula.”—1 Johane 2:17.

Ungalilahli ithemba

 IBhayibheli lingasisiza sibhekane nezinkinga ezikhona njengamanje emhlabeni. Kanjani?

 Ukuze nawe uzuze eBhayibhelini, sicela uzame isifundo seBhayibheli sethu samahhala.

a “IWashi Lembubhiso lenzelwe ukuxwayisa abantu ukuze babone uma sebezobhubhisa umhlaba wabo ngezinto eziyingozi zobuchwepheshe abazenzile. Liyisingathekiso nento esikhumbuza ngezingozi esichayeke kuzo okumele sikhulume ngazo ukuze sisinde emhlabeni.”—I-Bulletin of the Atomic Scientists.