Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Pawel Gluza/500Px Plus/Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Izilwane Zasendle Sezinciphe Ngamaphesenti Angu-73 Uma Kuqhathaniswa Naseminyakeni Engu-50 Edlule—⁠Lithini IBhayibheli?

Izilwane Zasendle Sezinciphe Ngamaphesenti Angu-73 Uma Kuqhathaniswa Naseminyakeni Engu-50 Edlule—⁠Lithini IBhayibheli?

 Ngo-Okthoba 9, 2024, i-World Wildlife Fund yakhipha umbiko oshaqisayo ngomthelela izenzo zabantu eziye zaba nawo ezilwaneni zasendle. Yambula ukuthi “eminyakeni engu 50 edlule (1970-2020), isibalo sezilwane zasendle siye sancipha ngamaphesenti angu-73.” Lo mbiko wakhipha lesi sixwayiso: “Akulona ihaba uma sithi okuzokwenzeka eminyakeni emihlanu ezayo, kuzonquma ikusasa lezinto eziphilayo emhlabeni.”

 Kunengqondo ukuthi abantu abaningi kuyabathusa ukuzwa ngale mibiko. Siyawuthanda umhlaba wethu omuhle futhi siyakuzonda ukubona izilwane zasendle zihlukumezeka. Sizizwa ngalendlela ngoba uNkulunkulu wayefuna sizinakekele izilwane.—Genesise 1:27, 28; IzAga 12:10.

 Ngakho ungase uzibuze, ‘Ingabe siyoke sikwazi ukuvikela izilwane zasendle? Lithini iBhayibheli?’

Ithemba ngekusasa

 Naphezu kwemizamo yethu emihle, ikusasa lezilwane zasendle, alilele kithi kodwa lilele ezandleni zikaNkulunkulu. KusAmbulo 11:18 iBhayibheli libikezela ukuthi uNkulunkulu ‘uzobhubhisa labo abacekela phansi umhlaba.’ Lelo vesi lisifundisa izinto ezimbili:

  1.  1. UNkulunkulu ngeke abavumele abantu ukuba bawubhubhise umhlaba noma bawucekele phansi.

  2.  2. UNkulunkulu uzothatha isinyathelo maduzane. Sikwazi kanjani lokhu? Yingoba usongo lokuba abantu bacekele phansi izilwane namuhla lukhulu kakhulu kunanini ngaphambili.

 Yini uNkulunkulu azoyenza ukuze axazulule le nkinga? Uzosebenzisa uhulumeni wakhe wasezulwini, noma uMbuso wakhe, ukuze abuse phezu komhlaba. (Mathewu 6:10) Lowo hulumeni uzofundisa futhi uqeqeshe abantu abalalelayo indlela yokunakekela nokuvikela izilwane zasendle.—Isaya 11:9.