Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

TheCrimsonMonkey/E+ via Getty Images

UMKHANKASO OKHETHEKILE

Izinkinga Zemvelo—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

Izinkinga Zemvelo—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

 “Ukushintshashintsha kwesimo sezulu okungalindelekile kusongela abantu, izindawo nesimiso sezinto eziphilayo. Iziphepho ezinamandla, ezilokhu ziba yingozi ngenxa yokushintshashintsha kwesimo sezulu, zilimaza izindlu nenhlalakahle yabantu emhlabeni wonke. Isimiso sezinto eziphila olwandle silokhu sifudumala, lokho kusongela ukuphila okusolwandle [kungashabalala ngokuphelele].”—u-Inger Andersen, under-secretary-general of the United Nations and executive director of the UN Environment Programme, Julayi 25, 2023.

 Ingabe ohulumeni bazokwazi ukubumbana ukuze baxazulule lezi zinkinga zomhlaba? Ingabe banawo yini amandla okuxazulula lezi zinkinga unomphela?

 IBhayibheli lisitshela ngohulumeni ongakwazi futhi ozoxazulula zonke izinkinga zemvelo emhlabeni. Lithi “uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso,” uhulumeni ozolungisa zonke izinkinga zomhlaba. (Daniyeli 2:44) Lapho sekubusa lowo hulumeni womhlaba, abantu ‘ngeke neze balimaze noma babangele umonakalo’ kwabanye noma kumhlaba.—Isaya 11:9.