Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kim Steele/The Image Bank via Getty Images

UMKHANKASO OKHETHEKILE

Izinkinga Zomnotho—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

Izinkinga Zomnotho—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

 Kunzima kubantu abaningi ukuthola imali ezokwanela izidingo zokuphila—isimo siba sibi nakakhulu.

  •   Ngokombiko wakamuva womhlaba wonke, a “imali abantu abayitholayo isiphenduke amakinati.” Lo mbiko uxwayise ngokuthi uma kungenziwa lutho, “lizokwanda nakakhulu igebe phakathi kwezicebi nabahlwempu” futhi “imindeni eminingi ngeke isakwazi ukuphila ngendlela ebiphila ngayo.”

 Uzokwazi yini uhulumeni ukulungisa lezi zinkinga zomnotho ezidlondlobalayo?

 IBhayibheli lisitshela ukuthi kunohulumeni ongalungisa zonke izinkinga zomnotho, ezihlanganisa ukungalingani kwabantu. Lithi “uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso,” okuwuhulumeni ozokwengamela yonke into eyenzeka emhlabeni. (Dan. 2:44) Uma sekubusa lowo Mbuso, akekho noyedwa oyozizwa evalelwe ngaphandle. (IHu. 9:18) UMbuso kaNkulunkulu uzoqikelela ukuthi izakhamuzi zawo zinakho konke ezikudingayo ukuze zijabule. Wonke umuntu uzodla izithelo zomsebenzi wakhe onzima.—Isaya 65:21, 22.

a Umbiko Womhlaba Wonke we-International Labour Organization ka-2022-23