Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

JenkoAtaman/stock.adobe.com

HLALANI NILINDILE!

Izizathu Zokuba Nethemba ngo-2023—Lithini IBhayibheli?

Izizathu Zokuba Nethemba ngo-2023—Lithini IBhayibheli?

 Njengoba unyaka ka-2023 uqala, sithemba ukuthi kuzosihambela kahle thina nemindeni yethu. Kungani sinalelo themba?

IBhayibheli linikeza ithemba

 IBhayibheli linezindaba ezinhle zokuthi izinkinga esibhekana nazo manje zingezesikhashana futhi zizoxazululwa maduze. Empeleni, izinto eziseBhayibhelini “zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi . . . ngenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”Roma 15:4.

Ithemba elingakusiza kwamanje

 Ithemba esilithola eBhayibhelini lingaba “njengehange lokuphila kwethu.” (Hebheru 6:19, umbhalo waphansi) Lelo themba lingasenza sime siqine. Lingasisiza sibhekane nezinkinga esinazo kwamanje, sibe nombono omuhle ngezinto futhi sithole injabulo ehlala njalo. Ngokwesibonelo:

Qinisa ithemba lakho

 Abantu abaningi banethemba lokuthi kuzokwenzeka izinto ezinhle, kodwa abaqiniseki ukuthi lokho kuzokwenzeka ngempela yini. Okuthenjiswa iBhayibheli kuhlukile. Kungani? Kungenxa yokuthi izithembiso esiseBhayibhelini zivela kuJehova uNkulunkulu, a “ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) NguJehova kuphela onamandla okugcwalisa zonke izithembiso zakhe; angenza “konke athanda ukukwenza.”—IHubo 135:5, 6.

 Sikukhuthaza ukuba uzuze ethembeni eliseBhayibhelini eliqinisekisiwe. ‘Ukuyihlola ngokucophelela imiBhalo’ kungaliqinisa ithemba lakho. (IzEnzo 17:11) Zibonele ngokwakho ngokuba uzame isimiso sethu sesifundo seBhayibheli samahhala. Qala unyaka ka-2023 unombono omuhle ngekusasa!

a UJehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.