Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ahmad Gharabli/AFP via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Ohulumeni Bangakwazi Yini Ukuhlangana Ukuze Banqande Inhlekelele Ebangelwa Isimo Sezulu?—Lithini IBhayibheli?

Ohulumeni Bangakwazi Yini Ukuhlangana Ukuze Banqande Inhlekelele Ebangelwa Isimo Sezulu?—Lithini IBhayibheli?

 NgeSonto, mhla ka-20 Novemba, 2022, kuphothulwe ingqungquthela yeNhlangano Yezizwe ebimayelana nokushintsha kwesimo sezulu ebizwa nge-COP27. Nakuba kwenziwe isinqumo esiyingqopha-mlando esizosiza amazwe athwele kanzima kwezomnotho ukuba abhekane nezinhlekelele ezibangelwa isimo sezulu esibi, abaningi bakholelwa ukuthi lokhu ngeke kuyilungise imbangela yale nkinga.

  •   Ngomhla ka-19 Novemba, 2022, u-António Guterres ongunobhala-jikelele weNhlangano Yezizwe, uthe, “Siyangijabulisa isinqumo esisenzile sokuvula isikhwama esizosiza abantu abathintekile ngenxa yesimo sezulu esibi. Kodwa siyazi ukuthi lokhu akwanele . . . Umhlaba wethu uphefumula ngenxeba.”

  •   “Izwe lisonqenqemeni lwenhlekelele yesimo sezulu.”—UMary Robinson, owayengumongameli wase-Ireland nowayenguKhomishana Omkhulu Wamalungelo Abantu We-UN, Novemba 20, 2022.

 Intsha iyona ekhathazeke kakhulu ngekusasa lalo mhlaba. Ohulumeni bangakwazi yini ukusebenza ndawonye, bafeze isithembiso sabo ngokuxazulula inkinga yesimo sezulu? Lithini iBhayibheli?

Bazokwazi yini ohulumeni ukuhlangana baxazulule le nkinga?

 IBhayibheli lisitshela ukuthi nakuba abanye bezama kanzima futhi bezimisele ukuthi le nkinga ilungiseke, ngeke bekwazi ukuyixazulula ngokuphelele. Phawula nazi izizathu ezimbili:

  •   “Okugwegwile akunakuqondiswa.”—UmShumayeli 1:15.

     Incazelo: Ohulumeni bayehluleka ngoba abantu abadalelwanga ukuzibusa. (Jeremiya 10:23) Ngisho noma izizwe zingahlangana, ngeke zikwazi ukuxazulula izinkinga ezikhungethe umhlaba, kungakhathaliseki ukuthi zizama kanzima kangakanani.

  •   “Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abangafuni sivumelwano.”—2 Thimothewu 3:2, 3.

     Incazelo: IBhayibheli layihlaba esikhonkosini, lathi abantu abaningi esikhathini sethu bayoba amagovu, ngeke bathande ukusebenza ndawonye ukuze kuthuthukiswe ukuphila kwabanye.

Likhona ithemba

 Ikusasa lalo mhlaba alincikile ezithembisweni zohulumeni babantu. UNkulunkulu usinike uMbusi onamandla okulungisa izinkinga zalo mhlaba, uJesu Kristu. Nakhu okushiwo iBhayibheli ngaye:

  •   “Uhulumeni uyoba semahlombe akhe. Igama lakhe kuyothiwa uMeluleki Omangalisayo, uNkulunkulu Onamandla, uYise Ongunaphakade, iSikhulu Sokuthula.”—Isaya 9:6, umbhalo waphansi.

 UJesu uyiNkosi yoMbuso KaNkulunkulu, noma yohulumeni wasezulwini. (Mathewu 6:10) Unamandla, ukuhlakanipha, nesifiso sokunakekela lo mhlaba nabantu abahlala kuwo. (IHubo 72:12, 16) Ngaphansi kobuholi bakhe, lo hulumeni wasezulwini uzovimba labo “abacekela phansi umhlaba” wenze abantu baphile kahle emhlabeni.—IsAmbulo 11:18; Isaya 35:1, 7.

 Ukuze ubone ukuthi le nkinga yesimo sezulu izoxazululwa kanjani unomphela, funda isihloko esithi “Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli.”