Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuphila Kuyoke Kubuyele Esimweni Esivamile? Indlela IBhayibheli Elingasiza Ngayo Kulokhu Kuphila Okushintshwe Ubhubhane

Ingabe Ukuphila Kuyoke Kubuyele Esimweni Esivamile? Indlela IBhayibheli Elingasiza Ngayo Kulokhu Kuphila Okushintshwe Ubhubhane

 “Sonke sifuna izinto zibuyele kulokho ezaziyikho.”—U-Angela Merkel, isikhulu saseJalimane.

 Njengoba ubhubhane lwe-COVID-19 luqhubeka luthinta abantu emhlabeni wonke, ungase uvumelane namazwi akhe. Kodwa sisho ukuthini “isimo esivamile”? Yini abantu abanethemba lokuyenza?

  •   Ukuqhubeka nendlela yabo yokuphila yangaphambili. Abanye balangazelela ukuhlangana nabanye, ukubahaga, ukubaxhawula nokuvakasha. Bacabanga ukuthi “ukubuyela kwezinto esimweni esivamile” kuhlanganisa “ukuya ezindaweni zokudlela, ukuyobuka imidlalo yeshashalazi nezinto ezifana nalezo,” kusho uDkt. Anthony Fauci a.

  •   Ukuthuthukisa ukuphila kwabo. Abanye babona ithuba “lokuphila okusha,” okungcono kunokuphila kwabo kwangaphambili. Bacabanga ukuthi leli zwe elinemisebenzi ekhandlayo, ukungalingani kwabantu, nokucindezeleka ngokwengqondo okuya kukhula, kumele kushintshe. UKlaus Schwab ongumsunguli we-World Economic Forum uthi “ubhubhane luvule intuba engavamile yokuthi sicabange, sizindle siphinde sishintshe indlela yethu yokuphila.”

 Abanye bahlukumezeke kakhulu yilolu bhubhane kangangokuba abacabangi ukuthi izinto ziyoke zibuyele “esimweni esivamile.” Ngokwesibonelo, abaningi baye balahlekelwa imisebenzi yabo, amakhaya abo, impilo ekahle, okubi nakakhulu baye bashonelwa abathandekayo babo.

 Yiqiniso, akekho ongasho ngokuthe ngqo ukuthi ukuphila kuyoba njani ngemva kwalolu bhubhane. (UmShumayeli 9:11) Kodwa iBhayibheli lingasisiza silungise isimo sethu sengqondo ngalokho esingakulindela futhi sikwazi ukubhekana nanoma yini engenzeka. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli likhuluma ngekusasa esingaqiniseka ngalo, okungenzeka awukaze ulicabange.

Ukuba nombono ofanele ngobhubhane lwe-COVID-19

 Kudala, iBhayibheli labikezela ukuthi phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto’ kwakuyoba khona izifo ezithe chithi saka noma “eziwumshayabhuqe.” (Luka 21:11; Mathewu 24:3) Uma sikhumbula lokho lapho sicabanga nge-COVID-19, siyobheka lolu bhubhane njengesinye sezigameko eziphawulekayo—okuhlanganisa izimpi, ukuzamazama komhlaba okukhulu kanye nokusweleka kokudla—esatshelwa ukuba sikulindele okugcwalisa isiprofetho seBhayibheli.

 Indlela ukwazi lokhu okusisiza ngayo: Nakuba kungenzeka ukuba isimo salolu bhubhane sibe ngcono, iBhayibheli lisixwayisa ngokuthi siphila phakathi ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Ukwazi lokhu kuzosisiza silungise isimo sethu sengqondo ngalokho esingakulindela ekuphileni kwethu kulezi zikhathi eziyinselele.

 IBhayibheli lisinikeza umbono ofanele: Umhlaba wethu ohlaselwa izinselele eziya zanda, ulindelwe ushintsho olukhulu. Luzoba yini lolu shintsho?

Ikusasa elingalindelekile ngemva kokuphela kobhubhane

 IBhayibheli alizange nje libikezele kuphela izinkinga esibhekene nazo manje kodwa labikezela nezikhathi ezingcono esingazilindela maduze. Lichaza ikusasa elingcono kakhulu kunalelo ohulumeni babantu abanethemba lokuliletha, elinganikezwa nguNkulunkulu kuphela. “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.

 UJehova b uNkulunkulu uyasithembisa: “Bheka! Ngenza konke kube kusha.” (IsAmbulo 21:5) Uzoxazulula izinkinga zaleli zwe kuhlanganise nezenziwe zaba zimbi kakhulu ubhubhane. Uzokwenza lokhu okulandelayo:

  •   Ukuba umqemane nokuphila kahle enqgondweni, kungasekho ukugula nokufa.—Isaya 25:8; 33:24.

  •   Umsebenzi owenza abantu baneliseke, hhayi imisebenzi ekhandlayo eyenza abantu bakhungatheke noma ebashiya beyimvithi.—Isaya 65:22, 23.

  •   Impumelelo kuwo wonke umuntu, eqinisekisa ukuphela kobumpofu nendlala.—IHubo 72:12, 13; 145:16.

  •   Ukukhululeka ekucindezelekeni ngokomzwelo ngenxa yezinto ezibuhlungu ezenzeka esikhathini esidlule, kanye nethemba lokubona abathandekayo abafa bephinde bephila.—Isaya 65:17; IzEnzo 24:15

 Indlela ukwazi lokhu okusisiza ngayo: IBhayibheli lithi: “Sinaleli themba njengehange lomphefumulo.” (Hebheru 6:19, umbhalo waphansi) Ithemba elinjalo lezinto ezinhle eziseza lingasenza sizole. Lingasisiza sikwazi ukubhekana nezimo ezinzima zalokhu kuphila, linciphise ukukhathazeka, lisigcine sizolile futhi sijabulile.

 Singazikholelwa ngempela yini izithembiso zeBhayibheli? Bheka isihloko esithi “IBhayibheli—Liwumthombo Othembekile Weqiniso.”

Izimiso zeBhayibheli ezizosisiza sikwazi ukubhekana noshintsho lokuphila ngemva kobhubhane

  •   Kwazise ukuphila

     UmBhalo: “Ukuhlakanipha kuyakulonda ukuphila komniniko.”—UmShumayeli 7:12.

     Lokho okukushoyo ngawe: Yenza izinqumo ezihlakaniphile ukuze unciphise amathuba okugula. Hlaziya izinto ezingaba yingozi endaweni okuyo. Bheka iziqondiso zabezempilo nezokuphepha, izinga lokwanda kwabantu abanegciwane endaweni nobuningi babantu asebegome ngokugcwele.

  •   Hlala uqaphile

     UmBhalo: “Ohlakaniphile uyacophelela afulathele okubi, kodwa oyisiphukuphuku wenza ngobudedengu futhi uzethemba ngokweqile.”—IzAga 14:16.

     Lokho okukushoyo ngawe: Qhubeka ulandela iziqondiso zezempilo zokuhlale uqaphile. Ongoti bakholelwa ukuthi ubhubhane lwegciwane le-corona lusazoqhubeka lukhona isikhathi eside.

  •   Sebenzisa imithombo ethembekile yokwaziswa:

     UmBhalo: “Oyisiphukuphuku ukukholwa konke akuzwayo, kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

     Lokho okukushoyo ngawe: Sikhethe ngokucophelela iseluleko ozosilalela. Kunendaba ukuthi ukhethani—ungase ubeke ukuphila kwakho engozini ngokwenza izinqubo ezisekelwe kwinzwabethi.

  •   Hlala unethemba

     UmBhalo: “Ungasho ukuthi, ‘Kungani izinsuku zangaphambili zazingcono kunalezi?’ ngoba usuke ungahlakaniphile uma ubuza lokho.”—UmShumayeli 7:10.

     Lokho okukushoyo ngawe: Zimisele ukuphila ngendlela engcono ngaphansi kwezimo obhekene nazo. Gwema ukucabanga ukuthi izinto zazingcono ngaphambi kobhubhane, futhi kugweme ukugxila emathubeni akulahlekela ngenxa yemingcele yobhubhane.

  •   Hlonipha abanye

     UmBhalo:“Hloniphani zonke izinhlobo zabantu.”—1 Petru 2:17.

     Lokho okukushoyo ngawe: Abantu basabele ngezindlela ezingafani kulolu bhubhane nemiphumela yalo. Bavumele baveze imibono yabo kodwa ngenhlonipho namathela esinqumweni esihle osenzile. Yiba nomusa kulabo abangakagomi, nasebekhulile nabazinkinga zempilo ezinkulu.

  •   Yiba nesineke

     UmBhalo:“Uthando luyabekezela futhi lunomusa.”—1 Korinte 13:4.

     Lokho okukushoyo ngawe: Yiba nomusa lapho abanye beveza ukukhathazeka kwabo ngokuphinde baqale umsebenzi ababewenza kalula ngaphambi kobhubhane. Yiba nesineke lapho uhlela imisebenzi yakho njengoba imingcele yobhubhane ixegiswa.

Indlela iBhayibheli elibasiza ngayo abantu bakwazi ukubhekana nobhubhane

 OFakazi BakaJehova baduduzwa izithembiso zekusasa eliqhakazile ezitholaka eBhayibhelini, futhi lokho kubasiza babheke ngale kwalolu bhubhane. Baphinde basekelane ngokulalela umyalo weBhayibheli wokuhlangana njalo ukuze bakhulekele ndawonye. (Hebheru 10:24, 25) Wonke umuntu wamukelekile ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, eqhutshwa ngevidiyo phakathi nobhubhane.

 Abanye bayavuma ukuthi ukuba noFakazi BakaJehova emihlanganweni yabo kubasize kakhulu phakathi nalezi zikhathi ezinzima. Ngokwesibonelo, owesifazane owayenegciwane le-COVID-19 wamukela isimemo sokuba khona emihlanganweni eqhutshwa ngevidiyo yoFakazi BakaJehova. Le mihlangano yamsiza ngokomzwelo naphezu kwezinkinga eziqhubekayo zempilo ezibangelwa igciwane. Kamuva wathi: “Nami ngizizwa ngiyingxenye yalo mndeni. Ukufunda iBhayibheli kungenza ngibe nokuthula kwengqondo nokuzola kwangaphakathi. Kungisiza ngigxile ethembeni lekusasa kunasezinkingeni zami. Ngiyabonga ngokungisiza ngisondelane noNkulunkulu, okuyinto ebengilokhu ngiyifuna ukuphila kwami konke.”

a Umqondisi weNational Institute of Allergy and Infectious Diseases e-United States.

b Igama likaNkulunkulu ngokusho kweBhayibheli, uJehova.—IHubo 83:18.