HLALANI NILINDILE!
Idalwa Yini Inzondo Engaka?—Lithini IBhayibheli?
Ezindabeni, kancane kancane uzwa amazwi alumelayo, ubugebengu obuhambisana nonya, ukuhlukunyezwa kwabantu bolunye uhlanga, kanye nezimpi.
“Ezinkundleni zokuxhumana, sezithe chithi saka izinkulumo ezihambisana nenzondo, zibangelwa impi ephakathi kwabantu bakwa-Israyeli nabaseGaza nangabantu abagqugquzela udlame nenzondo.”—I-New York Times, Novemba 15, 2023.
“Kusukela ngomhla ka-7 Okthoba, inzondo, izinkulumo ezilumelayo nobugebengu obuhambisana nonya, kuvele kwasabalala ngendlela eyisimanga.”—UDennis Francis, umongameli woMkhandlu WeNhlangano Yezizwe, Novemba 3, 2023.
Izinkulumo ezinenzondo, udlame nezimpi, akuyona into entsha. IBhayibheli lithi kunabantu endulo, ‘abacija amazwi abo anonya njengemicibisholo,’ ababegqugquzela impi nodlame. (IHubo 64:3; 120:7; 140:1) Liphinde lisitshele ukuthi inzondo esiyibona namuhla iwuphawu lwento ebalulekile.
Inzondo—Uphawu lwesikhathi esiphila kuso
IBhayibheli lembula izizathu ezimbili zokuthi kungani inzondo ithe chithi saka namuhla.
1. Lathi kuyoba nesikhathi lapho “uthando lwabaningi luyophola.” (Mathewu 24:12) Esikhundleni sokuthandana, abantu babeyokwenza izinto ezidala inzondo.—2 Thimothewu 3:1-5.
2. Indlela abantu abazondana ngayo namuhla isitshela ukuthi kunethonya elibi likaSathane uDeveli. IBhayibheli lithi “lonke izwe lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:9, 12.
Nokho, iBhayibheli liphinde lisitshele ukuthi maduze uNkulunkulu uzoqeda izinto ezidala inzondo. Ngaphezu kwalokho, uzolungisa wonke umonakalo odalwe inzondo. IBhayibheli lithembisa lokhu:
UNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala sezidlulile.”—IsAmbulo 21:4.