Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Uqhekeko Oludalwa Ipolitiki—Lithini IBhayibheli?

Uqhekeko Oludalwa Ipolitiki—Lithini IBhayibheli?

 Emhlabeni wonke, ezepolitiki zidala uqhekeko. Ngokwenhlolo-vo yePew Research Center ka-2022, “emazweni angu-19, abantu abadala abangamaphesenti angu-65 bathi kunezingxabano noma izimpikiswano ezishubile emazweni abo eziphakathi kwabantu abasemaqenjini ahlukahlukene ezepolitiki.”

 Uphawulile yini ukuthi uqhekeko olubangelwa ipolitiki luyanda nasendaweni ohlala kuyo? Kudalwa yini lokho? Sikhona yini isixazululo? Cabanga ngalokhu iBhayibheli elikushoyo.

Izinto ezihlukanisa abantu

 IBhayibheli labikezela ukuthi kulesi sikhathi esiphila kuso, esibizwa ‘ngezinsuku zokugcina,’ indlela abantu abaningi abacabanga ngayo, iyokwenza kube nzima ukuba babe nobunye.

  •   “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, . . . abangafuni sivumelwano.”—2 Thimothewu 3:1-3.

 Nakuba abantu abaningi besebenza kanzima ukuze ohulumeni baphumelele, lokho akwenzeki. Abantu abanemibono engafani bakuthola kunzima, noma kungenakwenzeka ukuba basebenze ngokubambisana ukuze baxazulule izinkinga. Lokho kusiqinisekisa ngento iBhayibheli elayisho kudala.

  •   ‘Umuntu ubuse omunye umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.

 IBhayibheli lisitshela ngekhambi lale nkinga: uhulumeni oholwa ngothile ongaqeda izinkinga ezihlasele abantu namuhla.

Umholi ofanelekayo okhathalela abantu

 IBhayibheli lidalula umholi ofaneleka kunabo bonke: uJesu Kristu. UJesu unamandla, igunya, nesifiso sokwenza sonke isintu sibe nobunye nokuthula.

  •   “Ezinsukwini zayo olungile uyoqhakaza, nokuthula kuyochichima.”—IHubo 72:7.

  •   “Zonke izizwe ziyoyikhonza.”—IHubo 72:11.

 UJesu ungumholi ofanelekayo ngoba uyabakhathalela abantu futhi ufuna ukubasiza, ikakhulukazi labo abake bahlukunyezwa.

  •   “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi noswele, iyosindisa ukuphila kwabampofu. Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHubo 72:12-14.

 Funda kabanzi ngoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini oholwa uJesu. Thola indlela ongakusiza ngayo nendlela ongakweseka ngayo ukubusa kwawo.