Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lithini IBhayibheli Ngenkinga Yamanzi Ekhungethe Umhlaba?

Lithini IBhayibheli Ngenkinga Yamanzi Ekhungethe Umhlaba?

 Sonke sidinga amanzi ahlanzekile ukuze siphile. UNobhala-jikelele we-UN u-António Guterres uthe, “Sibhekene nengwadla yenkinga njengoba silokhu sikhule njalo isidingo samanzi emhlabeni.” Izigidigidi zabantu emhlabeni kakade ziswele amanzi ahlanzekile.

Strdel/AFP via Getty Images

 Kuyoke kwenzeke yini ukuthi sonke sibe namanzi anele? Noma le nkinga yamanzi sizophila nayo unomphela? Lithini iBhayibheli?

Lokho iBhayibheli elikuthembisayo ngokuhlinzekwa kwamanzi

 IBhayibheli lithi kuzohamba kuhambe iphele le inkinga yamanzi. Empeleni, kuzoba namanzi amaningi ahlanzekile.

 “Kuyoqhuma amanzi ehlane, kube nemifudlana ethafeni eliwugwadule. Umhlabathi owomiswe ukushisa uyoba yichibi elinomhlanga, nomhlabathi owomile ube njengeziphethu zamanzi.”—Isaya 35:6, 7

 Kungani singasethemba leso sithembiso seBhayibheli? Cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngendlela umhlaba owadalwa ngayo.

Lokho iBhayibheli elikushoyo ngomhlaba nangomjikelezo wamanzi

 ‘[UNkulunkulu] akawudalelanga ize [umhlaba], kodwa wawubumba ukuze kuhlalwe kuwo.’—Isaya 45:18.

 Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wadala umhlaba ukuze usekele ukuphila, wenza nezinhlelo zemvelo ezikhiqiza amanzi amaningi ahlanzekile.

 “[UNkulunkulu] udonsa amathonsi amanzi awakhuphule; inkungu iyancibilika yakhe imvula; amafu abe eseyehlisela phansi; ayenze ine phezu kwesintu.”—Jobe 36:27, 28.

 Ngamagama alula, la mavesi achaza umjikelezo nemithombo yamanzi okwenziwe uNkulunkulu ukuze sithole amanzi. Amanzi ayahwamuka ezweni nasolwandle, ahlangane, bese ehla njengemvula, lo mjikelezo wenza abantu nezilwane bahlale benamanzi ahlanzekile.—UmShumayeli 1:7; Amose 5:8.

 “Ngiyoninika izihlambi zemvula ngesikhathi sazo esifanele, izwe liyoninika isivuno salo, izihlahla zensimu ziyothela.”—Levitikusi 26:4.

 UNkulunkulu wathembisa ukubusisa u-Israyeli wasendulo, isizwe sabalimi, ngesivuno esithelayo ngokuwuhlinzeka ngamanzi anele njalo. Uyazi ukuthi ukuze ukudla kukhule futhi kuthele kahle, kudingeka imvula eyanele ngesikhathi esifanele.

 Lokho uNkulunkulu akwenza kwa-Israyeli endulo uzophinde akwenze maduzane emhlabeni wonke. (Isaya 30:23) Okwamanje, ezingxenyeni eziningi zomhlaba, inkinga yamanzi iyaqhubeka ikhula, lokhu akubangelwa nje kuphela ukungani kwemvula. Kukhona yini okunye iBhayibheli elisitshela khona ngekhambi lale nkinga yamanzi esixakile?

Indlela ezophela ngayo inkinga yamanzi

 IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze axazulule izinkinga ezisemhlabeni, okuhlanganisa nezinkinga zamanzi ezikhona namuhla. (Mathewu 6:9, 10) UMbuso kaNkulunkulu nguhulumeni wasezulwini ozobusa umhlaba wonke. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 11:15) UMbuso kaNkulunkulu uzophinde wenze into ohulumeni babantu abangeke bakwazi ukuyenza—uzoqeda izinto ezibangela inkinga yamanzi.

 Inkinga: Ukushintsha kwesimo sezulu kunomthelela ekuphazamisekeni okukhulu komjikelezo wamanzi. Lokhu kubangela isomiso nezikhukhula ezinkulu, kungaba ngenxa yezimvula ezinamandla noma ukwenyuka kwamanzi asolwandle.

 Isixazululo: UMbuso kaNkulunkulu uzobuyisela imvelo kulokho eyayikho ekuqaleni ukuze kulunge izinto emhlabeni. UNkulunkulu wenze nasi isithembiso: “Bheka! Ngenza konke kube kusha.” (IsAmbulo 21:5) Izindawo eziwugwadule ziyoba namanzi amaningi ahlanzekile, kuzoba nezinto eziphilayo ngisho nasezindaweni okungaphileki kuzo njengamanje. (Isaya 41:17-20) UMbuso kaNkulunkulu uzolawula namandla emvelo, uJesu Kristu nguyena ozobe ebambe izintambo.

 Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wathulisa iziphepho ezinkulu, esikhombisa kancane ukuthi uNkulunkulu umnikeze amandla angakanani. (Marku 4:39, 41) Lapho uKristu eseyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, kuzophela nya ngezinhlekelele zemvelo. Abantu bazoba nokuthula nokulondeka kwangempela, ingasekho neyodwa inhlekelele abayesabayo.

 Inkinga: Abantu abangacabangi ngemiphumela yezenzo zabo nezinkampani ezinomoya wobugovu, bangcolisa imifula, amachibi, nezindawo zokugcina amanzi, okuyizinto ezenza ashode nakakhulu amanzi.

 Isixazululo: UNkulunkulu uzowuhlanza lo mhlaba alungise nomonakalo osukhona emifuleni, emachibini, olwandle nasemhlabathini. Umhlaba uzoba ipharadesi. Lisebenzisa ulimi olusankondlo, iBhayibheli lithi: “Ihlane nezwe elomile kuyothokoza, ithafa eliwugwadule liyojabula liqhakaze njengesafroni.”—Isaya 35:1.

 Kuzokwenzekani kubantu abangenandaba nemvelo noma nabanye abantu? UNkulunkulu uthembise ukuthi ‘uzobabhubhisa labo abacekela phansi umhlaba.’—IsAmbulo 11:18; IzAga 2:21, 22.

 Inkinga: Abantu bayawaxhaphaza amanzi, amanzi abawamoshayo adlula amanzi umhlaba okwazi ukuwakhiqiza.

 Isixazululo: Kuyasijabulisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzokwenza ukuba intando kaNkulunkulu—hhayi eyabantu abangamagovu—“yenzeke nasemhlabeni.” (Mathewu 6:9, 10) UMbuso kaNkulunkulu uzonika abantu abangaphansi kokubusa kwawo imfundo engcono kakhulu. U-Isaya 11:9 uthi, “Nakanjani umhlaba uyogcwala ulwazi ngoJehova.” a Ngenxa yalolo lwazi kanye nothando olujulile abanalo ngoNkulunkulu nayo yonke indalo yakhe, abantu bazowuphatha kahle kakhulu umhlaba wethu nezinto ezikuwo.

  •    Ukuze wazi kabanzi ngokuthi uzokwenzani uMbuso kaNkulunkulu, funda isihloko esithi “Yini UMbuso KaNkulunkulu Ozoyenza?

  •    Vula iBhayibheli ku-Isaya, isahluko 35, ukuze uzibonele ukuthi umhlaba uzoshintshwa kanjani ube ipharadesi.

  •    Buka ividiyo ethi Kungani UNkulunkulu Adala Umhlaba? ukuze ufunde kabazi ngokuthi uNkulunkulu uhloseni ngalo mhlaba nangesintu.

a Elithi Jehova, igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Funda isihloko esithi “Ungubani UJehova?