Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Photo by Zhai Yujia/China News Service/VCG via Getty Images

HLALANI NILINDILE

Izikhukhula Ezinamandla—Lithini IBhayibheli?

Izikhukhula Ezinamandla—Lithini IBhayibheli?

 Emhlabeni, baningi abantu abahlaselwa yizikhukhula ezishiya kukhalwa. Phawula le mibiko elandelayo:

  •   “Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, enhloko-dolobha yaseShayina kube nemvula engakaze ibe khona kule ndawo eminyakeni engu-140, lokhu kwenzeke ngemva kokuba kugasele imvula engamamilimitha angu-744.8 phakathi koMgqibelo noLwesithathu.”—I-AP News, Agasti 2, 2023.

  •   “NgoLwesine, bekuwusuku lwesibili isishingishane uKhanun siza nezimvula ezinkulu nomoya onamandla eningizimu yeJapane, sabulala abantu ababili. . . . Lesi siphepho kulindeleke ukuba size nezimvula ezingaba amamitha angu-0.6 ezintabeni ezimaphakathi neTaiwan.”—I-Deutsche Welle, Agasti 3, 2023.

  •   “Impela-sonto yezikhukhula [eNova Scotia] ibangelwe izimvula ezinamandla ezihlasele isifunda sase-Atlantic Canada, ezingakaze zibe khona eminyakeni engu-50.”—I-BBC News, Julayi 24, 2023.

 Lithini iBhayibheli ngalezi zigameko?

Uphawu ‘lwezinsuku zokugcina’

 IBhayibheli lisitshela ukuthi siphila enkathini ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) UJesu wathi esikhathini sethu, siyobona “imibono eyesabekayo,” noma izigameko ezethusayo. (Luka 21:11) Ukushintsha kwesimo sezulu kube nomthelela ezinhlekeleleni ezethusayo ezifika kungazelelwe ezibangelwa isimo sezulu, esezithe chithi saka, nezinamandla kakhulu.

Okusenza sibe nethemba

 IBhayibheli lisitshela ukuthi izinto eziningi ezethusayo esizibona emhlabeni namuhla, empeleni kufanele zisenze sibe nethemba. Kungani? UJesu wathi: “Lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi uMbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:31; Mathewu 24:3.

 Izigameko esizibona zenzeka zisitshela ukuthi kungekudala uMbuso kaNkulunkulu uzothatha izintambo, uyilawule ngokuphelele imvelo, kuhlanganise nomjikelezo wamanzi.—Jobe 36:27, 28; IHubo 107:29.

 Ukuze ufunde kabanzi ngendlela uMbuso kaNkulunkulu ozozilungisa ngayo izinkinga zemvelo, funda isihloko esithi “Ubani Ozosindisa Umhlaba?