Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

fcafotodigital/E+ via Getty Images

Abantu Abangayithi Mbibi Inyama—Lithini IBhayibheli?

Abantu Abangayithi Mbibi Inyama—Lithini IBhayibheli?

 Emhlabeni wonke, baningi kakhulu abantu ebathintayo le ndaba yokuphila ngezithelo nemifino.

  •   “Abantu abangayifuni inyama bakugwema ngazo zonke izindlela ukuhlaba noma ukusebenzisa izilwane ukuze badle, bagqoke, noma benze ezinye izinto.”—I-Vegan Society.

 Abanye abantu abagwema ukudla inyama, lokho abakwenzi nje ngenxa yokuthi bathanda izilwane, kodwa abanye bakwenziswa uthando lwabo ngemvelo, impilo, noma izizathu ezihlobene nenkolo.

  •   “Lo mkhuba wokugwema inyama awufani neminye imikhuba yokukhetha ukudla, ngesizathu sokuthi kubhekwa njengenkolelo, njengesenzo sokuziphatha kahle, nanjengendlela umuntu ngamunye angabamba ngayo iqhaza ukuze izinto zibe ngcono emhlabeni.”—I-Britannica Academic.

 Ingabe ukugwema inyama kuzosenza sibe nekusasa elingcono kulo mhlaba? Lithini iBhayibheli?

Indlela uMdali wethu ababheka ngayo abantu nezilwane

 EBhayibhelini, uMdali wethu uJehova uNkulunkulu, a uveza ukuthi abantu bakhulu kunezilwane, nokuthi unike abantu igunya phezu kwezilwane. (Genesise 1:27, 28) UNkulunkulu wagcina ebavumelile abantu ukuba badle izilwane. (Genesise 9:3) Kodwa akathandi ukuba kuhlukunyezwe izilwane.—IzAga 12:10.

 NgokweBhayibheli, ukuthi siyayidla yini inyama noma cha, isinqumo somuntu ngamunye. b Isinqumo esisenzayo asisenzi sibe ngabantu abangcono emehlweni kaNkulunkulu. (1 Korinte 8:8) Akekho umuntu okufanele agxeke omunye ngesinqumo asenzayo endabeni yokudla.—Roma 14:3.

Indlela eya ekuphileni okungcono

 IBhayibheli lisitshela ukuthi izinkinga ezisemhlabeni, ngeke zilungiswe indlela esikhetha ukuphila ngayo. Izinkinga eziningi zibangelwa ezepolitiki, abantu, nezimo zomnotho zaleli zwe, esingeke senze lutho ngazo. IBhayibheli lithi:

 UMdali wethu uzozilungisa izinkinga esibhekene nazo. IBhayibheli lisebenzisa ulimi olungokomfanekiso ukuze lichaze lokho azokwenza.

  •   “Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwase kudlulile, nolwandle lungasekho.”—IsAmbulo 21:1.

 Esikhundleni sohulumeni babantu noma “izulu langaphambili,” uNkulunkulu uyofaka “izulu elisha,” uMbuso wakhe wasezulwini. UMbuso wakhe uzosusa ‘umhlaba wangaphambili,’ abantu abakhohlakele, ubuse ‘umhlaba omusha,’ noma labo abazimisele ukuzithoba egunyeni lawo.

 Kungaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu kuphela lapho abantu beyofunda khona ukuphila kahle nezilwane futhi bahloniphe imvelo.—Isaya 11:6-9.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.

b IBhayibheli lisiyala ukuba ‘siqhubeke sideda egazini.’ (IzEnzo 15:28, 29) Lokhu kusho ukuthi akufanele siphuze igazi noma sidle inyama yesilwane esingophiswanga; futhi akufanele sidle noma yikuphi ukudla okufakwe igazi.