Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Surasak Suwanmake/Moment via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Ukushisa Okunamandla Kwasehlobo Ngo-2023—Lithini IBhayibheli?

Ukushisa Okunamandla Kwasehlobo Ngo-2023—Lithini IBhayibheli?

 Emhlabeni wonke, abantu bahlaselwe ukushisa okuyinqaba nezinye izinhlekelele ezibangelwa isimo sezulu esingajwayelekile. Phawula le mibiko elandelayo:

  •   “Selokhu kwaqalwa ukubhalwa kwemininingwane ehlobene nesimo sezulu eminyakeni engu-174 edlule, akukaze kube noJuni oshisa kanje.”—I-National Oceanic and Atmospheric Administration, U.S. Department of Commerce, Julayi 13, 2023.

  •   “E-Italy, eSpain, eFrance, eJalimane nasePoland ilanga alizibekile phansi, kulindeleke ukuba amazinga okushisa afinyelele ku-48°C [118°F] esiqhingini saseSicily naseSardinia—okuwukushisa okuyingqopha-mlando eYurophu.”—I-European Space Agency, Julayi 13, 2023.

  •   “Njengoba sekushisa kangaka emhlabeni, kulindeleke ukuthi kwande izimvula futhi zibe namandla, okuyinto ezobangela izikhukhula ezinkulu.”—UStefan Uhlenbrook, oyisikhulu esiqondisa izinto ezithinta amanzi kuyiWorld Meteorological Organization, Julayi 17, 2023.

 Akukukhathazi yini ukubona imibiko efana nale yezimo zezulu ezimbi? Cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba ebalulekile.

Ingabe isimo sezulu esibi sigcwalisa isiprofetho seBhayibheli?

 Yebo. Ukushisa okunamandla nezinye izinhlekelele ezibangelwa isimo sezulu esibi, yizinto iBhayibheli elathi ziyokwenzeka kulesi sikhathi esiphila kuso. Ngokwesibonelo, uJesu wathi siyobona “imibono eyesabekayo,” noma “izinto ezingajwayelekile nezethusayo.” (Luka 21:11; Good News Translation) Ukwenyuka kwamazinga okushisa emhlabeni wonke kwenze abanye baba netwetwe lokuthi ngeke kusaphileka emhlabeni.

Kuyoke kwenzeke yini kungabe kusaphileka emhlabeni?

 Cha. UNkulunkulu wadala umhlaba ukuze ube ikhaya esiyohlala kulo unomphela; ngeke avume ukuthi abantu baqede ngawo. (IHubo 115:16; UmShumayeli 1:4) Empeleni, wenze isithembiso sokuthi ‘uzobabhubhisa labo abacekela phansi umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

 EBhayibhelini sifunda ukuthi uNkulunkulu uzowuvikela umhlaba ezinhlekeleleni ezibangelwa imvelo, futhi unawo amandla okwenza lokho.

  •   “[UNkulunkulu] uthulisa isivunguvungu; amagagasi olwandle ayathula.” (IHubo 107:29) UNkulunkulu unamandla okulawula imvelo. Uyakwazi ukulungisa izinkinga zemvelo ezenza abantu bahlukunyezwe isimo sezulu esibi.

  •   “Unakekela umhlaba, uwenza uthele kakhulu, ube nenala.” (IHubo 65:9) Ngesibusiso sikaNkulunkulu, lo mhlaba uzoba ipharadesi.

 Ukuze ufunde kabanzi ngesithembiso seBhayibheli sokubuyiselwa kwemvelo esimweni sayo, funda isihloko esithi “Ubani Ozovikela Umhlaba Wethu?