Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Chris McGrath/Getty Images

UMKHANKASO OKHETHEKILE

Impi—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

Impi—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

 Sekumapeketwane ezweni, izimpi zishiya abantu bekhungethwe usizi nokuhlupheka. Phawula le mibiko elandelayo:

  •   “Nyakenye, baningi kakhulu abantu abafe ngenxa yezinxushunxushu, ikakhulukazi eTopiya nase-Ukraine, lokhu akukaze kwenzeke kusukela ngo-1994.”—I-Peace Research Institute Oslo, Juni 7, 2023.

  •   “Impi yase-Ukraine iphakathi kwezibhelu ezaba inkinga enkulu ngo-2022. Ngonyaka odlule, udlame oludalwa ezepolitiki lwenyuke ngamaphesenti angu-27, babalelwa ku-1.7 billion abantu abathintekile.”—I-Armed Conflict Location & Event Data Project (ACLED), Febhuwari 8, 2023.

 IBhayibheli lithi likhona ithemba. Lisitshela ukuthi “uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze ubhujiswe.” (Daniyeli 2:44) Ngaphansi kwalowo Mbuso, noma uhulumeni, uNkulunkulu ‘uzoqeda izimpi emhlabeni wonke.’—IHubo 46:9.