UMKHANKASO OKHETHEKILE
Osopolitiki Abakhohlakele—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu
Abantu bafuna abaholi abangabethemba; sebekhathele osopolitiki abakhohlakele. Ocwaningweni olwenziwa emhlabeni-jikelele olwanyatheliswa ngo-2023, iningi lathi alizethembi izikhulu zikahulumeni. a
IBhayibheli lisitshela ngohulumeni onoMholi othembekile noqotho ngazo zonke izindlela, ongasoze nanini wenza inkohlakalo. Lowo hulumeni uMbuso kaNkulunkulu, uMholi wawo uJesu Kristu.—Isaya 9:7.
Ngezenzo zakhe, uJesu wakhombisa ukuthi ubathanda ngempela abantu. (Mathewu 9:35, 36) Njengoba eyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzokwenza kube nobulungisa nokuthula kuwo wonke umuntu omukela ubuholi bakhe.—IHubo 72:12-14.
a Umbiko Womhlaba Wonke We-Edelman Trust Barometer Ka-2023.