Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwesokunxele: Olena Yefremkina/stock.adobe.com; center: lunamarina/stock.adobe.com; right: Rido/stock.adobe.com

HLALANI NILINDILE!

Ubani Ongamethemba?—⁠Lithini IBhayibheli?

Ubani Ongamethemba?—⁠Lithini IBhayibheli?

 Abantu bayadumazeka lapho abantu ababathembayo bebaphoxa. Abaningi sebeyekile ukuthemba . . .

  •   abaholi bamaqembu ezepolitiki ababeka izidingo zabo kuqala kunezidingo zabantu.

  •   abezindaba abehluleka ukubika izindaba ngeqiniso nangaphandle kokuchema.

  •   ososayensi abenza izinto ezingafaka umphakathi engozini.

  •   abaholi benkolo abangene bagamanxa kwezepolitiki kunokuba bamelele uNkulunkulu.

 Abantu benza kahle ngokuqapha ukuthi bathemba bani. IBhayibheli liyasixwayisa:

  •   “Ningabeki ithemba lenu ezikhulwini, noma endodaneni yomuntu, engenakukwazi ukusindisa.”—IHubo 146:3.

Umuntu ongamethemba

  IBhayibheli liveza ukuthi umuntu ongamethemba: uJesu Kristu. Wayengeyona indoda elungile nje kuphela eyaphila emakhulwini eminyaka edlule. UNkulunkulu wabeka uJesu ukuba ‘abuse njengeNkosi . . . , noMbuso wakhe ngeke uphele.’ (Luka 1:32, 33) UJesu uyiNkosi yoMbuso KaNkulunkulu, uhulumeni obusayo njengamanje ezulwini.—Mathewu 6:10.