Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Siyoke Sizwakale Yini Isikhalo Sobulungisa?

Siyoke Sizwakale Yini Isikhalo Sobulungisa?

 Ukungabi nabulungisa sekuxhaphake kakhulu emhlabeni. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili nje zabantu ababoshwa kungafanele:

  •   NgoJanuwari 2018, ijaji lase-United States lakhipha isinqumo sokuba kukhululwe umlisa owayeseboshwe iminyaka ebalelwa ku-38. Wakhululwa ngenxa yokuthi ubufakazi be-DNA baveza ukuthi akanacala.

  •   NgoSepthemba 1994, kwaboshwa izinsizwa ezintathu ezweni lase-Afrika ngenxa yokuthi unembeza wazo wawungazivumeli ukuba ziye ebusosheni. NgoSepthemba 2020, bese zidonse iminyaka engu-26 zibhadla ejele, ngokomthetho alikho icala lobugebengu ezibekwe lona futhi azikaze zivele nasenkantolo.

 Uma kuwukuthi wake waphathwa ngendlela engenabulungisa, ungase uzizwe njengoJobe okukhulunywa ngaye eBhayibhelini, wathi: “Ngilokhu ngikhalela usizo, kodwa abukho ubulungisa.” (Jobe 19:7) Ngisho noma kungase kubonakale kuyiphupho nje ukuthi kuyoke kube nobulungisa, iBhayibheli lisithembisa ukuthi kuza isikhathi lapho sizozwakala khona isikhalo sobulungisa. Nokuhlakanipha kwalo kungakusiza ukuba ubhekane nokungaphathwa ngobulungisa njengamanje.

Kubangelwa yini ukungabi nabulungisa?

 Ukungabi nabulungisa kubangelwa abantu abangasisebenzisi isiqondiso sikaNkulunkulu. IBhayibheli lisifundisa ukuthi ubulungisa bangempela buvela kuNkulunkulu. (Isaya 51:4) EBhayibhelini, amagama ahunyushwe ngokuthi “ubulungisa” nangokuthi “ukulunga” ahlobene kakhulu. (IHubo 33:5) Ubulungisa bakhiwa yizenzo eziwukulunga, noma ezifanele ngokwemithetho kaNkulunkulu. Ngokuphambene nalokho, ukungabi nabulungisa kubangelwa isono, okuwukwephulwa kwemithetho kaNkulunkulu. Cabanga nganazi izibonelo:

  •   Ubugovu. Isono nezifiso zobugovu kuhlobene kakhulu. (Jakobe 1:14, 15) Ukuze bathole abakufunayo, abantu abaningi baphatha abanye ngobuqili, babaphathe ngendlela engenabulungisa. Ngokuphambene nalokho, uNkulunkulu ulindele ukuba wena ubabeke phambili abanye.—1 Korinte 10:24.

  •   Ukunganaki. Abanye kungenzeka abanake ngisho nokunaka ukuthi baphatha abanye ngokungenabulungisa; ngisho noma kunjalo, uNkulunkulu uzibheka njengesono lezo zenzo. (Roma 10:3) Khumbula ukuthi ukunganaki kwaholela esenzweni sokungabi nabulungisa esiphakathi kwezenzo ezinkulu kunazo zonke—ukubulawa kukaJesu Kristu.—IzEnzo 3:15, 17.

  •   Ukwehluleka kwezinhlangano zabantu. Kulindeleke ukuba ezepolitiki, ezentengiselwano nezinhlangano zenkolo kuleli zwe kugqugquzele ukuphatha kwabantu ngobulungisa nangeqiniso. Kodwa sibona okuhlukile, kuvame ukuthi kube yizo lezi zinhlangano ezidala amaphutha, inkohlakalo, ukukheth’ iphela emasini, umhobholo, igebe elikhulu kwezezimali, ukungabekezelelani—okuyizo zonke izinto ezidala ukungabi nabulungisa. Ezinye zalezi zinhlangano zesekwa abantu abanezinhloso ezinhle. Kodwa uma sibhekana namaqiniso, kungakhathaliseki ukuthi abantu bazama ini, uma nje besishaya indiva isiqondiso sikaNkulunkulu, abakuzamayo kuzophenduka ize leze!—UmShumayeli 8:9; Jeremiya 10:23.

Uzizwa kanjani uNkulunkulu ngokungabi nabulungisa?

 UNkulunkulu uyakuzonda ukungabi nabulungisa, uzonda ngisho nendlela yokucabanga kanye nezenzo ezibanga ukungabi nabulungisa. (IzAga 6:16-18) Waphefumulela umprofethi u-Isaya ukuba abhale lokhu: “Mina Jehova, a ngithanda ubulungisa; ngizonda ukuphanga nokungalungi.”—Isaya 61:8.

 UMthetho uNkulunkulu awunika ama-Israyeli endulo usifundisa ukuthi wayefuna abantu baphathane ngobulungisa. Wayala abahluleli ukuba bangasamukeli isifumbathiso kanye nezinye izinto ezazizophendukezela ubulungisa. (Duteronomi 16:18-20) Wawasola ama-Israyeli angamlalelanga, asizakala ngabantu abahluphekayo nababukelwa phansi, ekugcineni wawalahla ngenxa yokwehluleka ukusebenzisa izinto azishoyo.—Isaya 10:1-3.

Ingabe uNkulunkulu uzokuqeda ukungabi nabulungisa?

 Yebo. Esebenzisa uJesu Kristu, uNkulunkulu uzosusa isono, okuyisizathu sokungabi nabulungisa, enze abantu baphelele njengoba ayehlosile ekuqaleni. (Johane 1:29; Roma 6:23) Umise noMbuso ozoletha izwe elisha lokulunga, wenze ukuba wonke umuntu aphathwe ngobulungisa. (Isaya 32:1; 2 Petru 3:13) Ukuze ufunde kabanzi ngalo Mbuso wasezulwini, buka ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Kuyoba njani ukuphila ezweni elisha lokulunga?

 Lapho sekugcwele ubulungisa emhlabeni, wonke umuntu uzophila ngokuthula nokulondeka. (Isaya 32:16-18) Akukho ukuphila uNkulunkulu angakwazisi, ngakho bonke abantu bazophathwa ngobulungisa. Luyophela nya usizi nokukhala nobuhlungu okubangelwa ukungabi nabulungisa, ngisho nezinkumbulo ezibuhlungu ezidalwa ukungabi nabulungisa ziyoshabalala kancane kancane. (Isaya 65:17; IsAmbulo 21:3, 4) Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Yini UMbuso KaNkulunkulu Ozoyenza?

Singamethemba nje uNkulunkulu uma ethi uzokuqeda nya ukuphathwa kwabantu ngokungenabulungisa?

 Yebo. Konke okushiwo yiBhayibheli akuphikiseki, kunembile: Iziprofetho zalo, umlando, kanye nezinto ezimayelana nesayensi, konke kuyavumelana, ngenxa yalokho ungazethemba izithembiso zeBhayibheli. Ungathola eminye imininingwane kulezi zihloko ezilandelayo:

Indlela yokulwa nokungabi nabulungisa njengamanje

 Ngezikhathi zeBhayibheli, abantu abalungile balwa nempatho engenabulungisa. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wamangalelwa ngecala elingenabulungisa elalingamenza abulawe. Kunokumane avume leyo mpatho engenabulungisa, wasebenzisa ilungelo lakhe wadlulisa icala kuKhesari.—IzEnzo 25:8-12.

 Noma kunjalo, imizamo yabantu yokulungisa konke ukungabi nabulungisa okukuleli zwe ngeke iphumelele. (UmShumayeli 1:15) Ukuze babe nokuthula ngaphakathi lapho bephathwa ngokungenabulungisa, abaningi basizwe ukuba nokholo esithembisweni sikaNkulunkulu sezwe elisha lokulunga.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.