Usizo Lwezisulu Zodlame Lwasekhaya
I-World Health Organization ithi, “emhlabeni wonke, udlame olubhekiswe kwabesifazane lunjengobhubhane oludinga ukusingathwa ngokushesha.” Le nhlangano ithi, ‘kubo bonke abesifazane abake baba sebudlelwaneni nothile, kulinganiselwa ukuthi amaphesenti awu-30 abo aye ahlukunyezwa ngokocansi noma ashaywa’ umuntu athandana naye. Umbiko we-UN ulinganisela ukuthi komunye unyaka muva nje, emhlabeni wonke kuye kwafa abesifazane abangu-137 usuku ngalunye, bebulawa umuntu abasebudlelwaneni naye noma ilungu lomndeni. a
Izibalo zingase ziveze ubukhulu benkinga yodlame lwasekhaya, kodwa ngeke zikwazi ukuchaza ubuhlungu obungokomzwelo nobuhlungu obungokomzimba isisulu ngasinye esibhekana nabo.
Ingabe uyisisulu sodlame lwasekhaya? Noma ingabe ukhona omaziyo oyiso? Uma kunjalo, cabanga ngamaphuzu alandelayo aseBhayibhelini angakusiza.
Awuyona imbangela yodlame lwasekhaya obhekene nalo
Okushiwo iBhayibheli: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12.
Khumbula lokhu: Okuhlukumezayo nguye osephutheni.
Uma osebudlelwaneni naye esola wena ngokukuhlukumeza, unephutha. Amakhosikazi kufanele athandwe, angahlukunyezwa.—Kolose 3:19.
Ngezinye izikhathi, umuntu okuhlukumezayo kungenzeka ukuhlukumeza ngenxa yokuthi unesifo sengqondo, indlela akhule ngayo, noma usebenzisa kabi utshwala. Noma kunjalo, uyolandisa kuNkulunkulu ngendlela akuphatha ngayo. Futhi nguye odinga ukwenza konke okusemandleni akhe ukuze ashintshe indlela akuphatha ngayo.
Lukhona usizo
Okushiwo iBhayibheli: “Kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.”—IzAga 15:22.
Khumbula lokhu: Uma uzizwa ungaphephile noma ungazi ukuthi wenzeni, abanye bangakusiza.
Kungani ungase udinge usizo lwabanye? Inzima indaba yodlame lwasekhaya. Lapho uzama ukunquma ukuthi uzoyixazulula kanjani le nkinga, ungase udideke ukuthi ikuphi okubaluleke kakhulu kulezi zinto ezilandelayo:
Ukuphepha kwakho
Inhlalakahle yezingane zakho
Isimo sakho sezimali
Uthando lwakho ngosebudlelwaneni naye
Isifiso sokulungisa izinto naye uma kwenzeka eshintsha
Kungokwemvelo ukuzizwa udidekile futhi ukhungathekile. Ungaya kubani ukuze uthole usizo?
Umngani omethembayo noma omunye emndenini angase akwazi ukukunikeza usizo olungokoqobo futhi akusekele ngokomzwelo. Ukukhuluma nomuntu okukhathalelayo kungakusiza kakhulu.
Ukufonela izinombolo ezihlelelwa ukusiza izisulu zodlame lwasekhaya kungakusiza ngaso leso sikhathi. Abaphendula lezi zingcingo bangakusiza bakutshele ongakwenza ukuze uphephe. Uma umuntu osebudlelwaneni naye eyivuma inkinga yakhe futhi efuna ngempela ukushintsha, abantu abaphendula lezi zingcingo bangase bamsize ngezinyathelo zokuqala okudingeka azithathe.
Ezinye izindawo zezimo eziphuthumayo zingakusiza uma udinga usizo ngokushesha. Lokhu kuhlanganisa odokotela, abahlengikazi nabanye abaqeqeshelwe lezi zimo.
Awuwedwa
Okushiwo iBhayibheli: “UJehova b useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; uyabasindisa abadangele.”—IHubo 34:18.
Khumbula lokhu: UNkulunkulu uthembisa ukuthi uzokusiza.
UJehova ukukhathalela ngokujulile. (1 Petru 5:7) Uyayiqonda indlela ocabanga ngayo nozizwa ngayo. Angakududuza ngeZwi laKhe, iBhayibheli. Futhi ucela ukuba uthandaze kuye. Lapho uthandaza, ungamcela akunikeze ukuhlakanipha namandla okubhekana nesimo okuso.—Isaya 41:10.
Udlame lwasekhaya luzophela
Okushiwo iBhayibheli: “Bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, akekho oyobenza besabe.”—Mika 4:4.
Khumbula lokhu: IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze kuyoba nesikhathi lapho ikhaya liyoba indawo enokuthula.
UJehova uNkulunkulu nguye kuphela onesisombululo kuzo zonke izinkinga zethu. IBhayibheli lithembisa ukuthi: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) Ngaleso sikhathi, ngisho nezinkumbulo ezimbi ziyoya ziphela njengoba zithathelwa indawo izinkumbulo ezinhle. (Isaya 65:17) Yileli ikusasa iBhayibheli elikuthembisa lona.