Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Rui Almeida Fotografia/Moment via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Udlame Lwezepolitiki—Lithini IBhayibheli?

Udlame Lwezepolitiki—Lithini IBhayibheli?

 Igagasi lodlame lwezepolitiki lithe chithi saka emhlabeni wonke.

  •   Ukubulawa kosopolitiki abangu-39 eMexico, okuyinani ebelingakaze libonwe, kanye nolunye udlame lwezepolitiki kwethuse futhi kwaphazamisa abantu phakathi nokhetho luka-2023 no-2024.

  •   Muva nje eYurophu kuye kwaba nezigameko zodlame lwezepolitiki eziningi, ezihlanganisa nokuzama ukubulala undunankulu waseSlovakia ngoMeyi 15, 2024.

  •   I-United States ithuswe isigameko sokuzama ukubulala owayengumongameli wakhona uDonald Trump ngoJulayi 13, 2024.

 Kungani kunodlame oluningi kangaka lwezepolitiki? Ingabe luyoke luphele? Lithini iBhayibheli?

Ukuhlukana kwemibono ngokwezepolitiki kwakubikezelwe

 IBhayibheli labikezela ukuthi esikhathini sethu, esibizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ abantu abaningi babezoba nobudlova futhi bangavumelani.

  •   “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba . . . abangabongi, abangathembekile, . . . abangafuni sivumelwano, . . . abanolaka, . . . abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele.”—2 Thimothewu 3:1-4.

 IBhayibheli laphinde labikezela ngeziyaluyalu ezifana nokuvukelwa kwemibuso nezinxushunxushu zezepolitiki esikhathini sethu. (Luka 21:9) Nokho, udlame lwezepolitiki nokuhlukana kwemibono ngokwezepolitiki angeke kuhlale kukhona.

Ukuphela kodlame lwezepolitiki

 IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uzoqeda ohulumeni babantu esikhundleni sabo amise uhulumeni wakhe wasezulwini.

  •   ‘UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso . . . oyophihliza yonke le mibuso [eminye] uyiqede, wona wodwa ume kuze kube phakade.’—Daniyeli 2:44.

 UMbuso KaNkulunkulu uzokwenza abantu babe nobunye futhi kube nokuthula emhlabeni wonke.

  •   UMbusi walo hulumeni, uJesu Kristu, ubizwa ngokuthi “iSikhulu Sokuthula,” futhi uzoqinisekisa ukuthi ‘ukuthula ngeke kuphele’ emhlabeni.—Isaya 9:6, 7.

  •   Ngisho kwamanje, ababuswa yilo Mbuso bafunda ukuphila ngokuthula. Yingakho iBhayibheli lithi: ‘Bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamageja nemikhonto yabo ibe ngocelemba. Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba, ngeke zisayifunda impi.’—Isaya 2:3, 4.

 Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi, “Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?” ubuke nale vidiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?