Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Francesco Carta fotografo/Moment via Getty Images

Ukudlondlobala Komzwangedwa—⁠Lithini IBhayibheli

Ukudlondlobala Komzwangedwa—⁠Lithini IBhayibheli

 Ngokombiko wamuva womhlaba wonke, a cishe umuntu oyedwa kwabangu-4 unomzwangedwa.

  •   “Noma ubani engazithola esengunkom’ idla yodwa, kungakhathaliseki ukuthi ungakanani nokuthi uhlala kuphi.”​—UChido Mpemba, usihlalo weWorld Health Organization’s Commission on Social Connection.

 Okungethusa abantu abaningi ukuthi umzwangedwa awuhlaseli nje kuphela abantu abadala noma abantu abaphila bodwa, kodwa uhlasela ngisho nabantu abasha, abaphile saka, abaphumelelayo, nabashadile. Ukuba unkom’ idla yodwa nokuba nomzwangedwa kungadala umonakalo omkhulu empilweni yomuntu.

  •   UDkt. Vivek Murthy, ongudokotela ohlinzayo e-U.S. uthi, “Abanye bacabanga ukuthi umzwangedwa uwumuzwa nje ongemuhle, kodwa akunjalo.” Uyaqhubeka: “Umonakalo ongadalwa umzangedwa ulingana nomonakalo ongadalwa ukubhema ogwayi abangu-15 ngosuku.”

Okushiwo iBhayibheli

 UMdali wethu akafuni sibulawe umzwangedwa. Selokhu kwathi nhlo, uNkulunkulu ubelokhu efuna ukuthi abantu bajabule, babe nabangani ababajabulisayo.

  •   Okushiwo iBhayibheli: “UNkulunkulu wathi: ‘Akukuhle ukuba umuntu abe yedwa.’”—Genesise 2:18.

 UNkulunkulu ufuna sibe nobungani naye. Uthembisa ukuthi uzosondela kithi uma senza imizamo yokusondela kuye.​—Jakobe 4:8.

  •   Okushiwo iBhayibheli: “Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu, ngoba uMbuso wamazulu ungowabo.”—Mathewu 5:3.

 UNkulunkulu ufuna simkhonze ndawonye nabanye abantu. Uma senza lokho, sizojabula.

  •   Okushiwo iBhayibheli: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye, . . . kodwa sikhuthazane.”—Hebheru 10:24, 25.

 Ukuze ufunde kabanzi ngokuthi kungani kubalulekile ukulwa nomzwangedwa, funda isihloko esithi “Ukuba Nesizungu Ezweni Eligcwele Ezokuxhumana.”

a The Global State of Social Connections, by Meta and Gallup, 2023.