Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Ukudubulana Ezikoleni—Lithini IBhayibheli?

Ukudubulana Ezikoleni—Lithini IBhayibheli?

 Ngomhla ka-24 Meyi, 2022, kwaba nesigameko esishaqisayo endaweni yase-Uvalde, eTexas, e-U.S.A. Ngokombiko we-New York Times, “indoda eyayiphethe isibhamu yabulala izingane ezingu-19 nothisha ababili . . . eRobb Elementary School.”

 Okubuhlungu ukuthi lezo zenzo ezinyantisayo zithe chithi saka. I-USA Today ibike ukuthi e-United States kuphela, “kwaba nezigameko zokudubulana ezingu-249 emagcekeni esikole ngonyaka odlule—okuyinani eliphakeme kakhulu elingakaze libe khona kusukela ngabo-1970.”

 Kungani abantu sebenonya olungaka? Singabhekana kanjani nalobo bubi? Likhona yini ithemba lokuthi lolu dlame luyoke luphele? IBhayibheli liyaphendula.

Kungani sekunodlame olungaka emhlabeni?

 Abantu abaningi bayazibuza, ‘Kungani uNkulunkulu engazivimbi izinto ezimbi njengokudubulana ezikoleni?’ Ukuze uthole impendulo yeBhayibheli, funda isihloko esithi “Izinto Ezimbi Zenzeka Kubantu Abalungile—Kungani?

Singabhekana kanjani nalobo bubi?

  •    “Izinto ezalotshwa kusengaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi . . . ngenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”—Roma 15:4.

 IBhayibheli lingakusiza ubhekane nezimo zaleli zwe eligcwele udlame. Ukuze uthole okwengeziwe, funda umagazini IPhaphama! onesihloko esithi “Ingabe Ubudlova Buyoke Buphele?

 Ukuze uthole ukuthi abazali bangazisiza kanjani izingane zabo zibhekane nemibiko yezindaba eyethusayo, funda isihloko esithi “Imibiko Yezindaba Ethusayo Nezingane Zakho.

Buyoke buphele yini ubudlova?

  •    “Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHubo 72:14.

  •    “Ziyokhanda izinkemba zazo zibe amageja nemikhonto yazo ibe ocelemba. Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.”—Mika 4:3.

 UNkulunkulu uyokwenza into abantu abangeke bakwazi ukuyenza. UMbuso wakhe wasezulwini uyoqeda zonke izikhali nabo bonke ubudlova. Ukuze ufunde okwengeziwe ngalokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenza, funda isihloko esithi “Lapho Sekubusa UMbuso KaNkulunkulu, ‘Kuyochichima Ukuthula.’”