Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Ukudutshulwa Kwabantu Okudlangile—Lithini IBhayibheli?

Ukudutshulwa Kwabantu Okudlangile—Lithini IBhayibheli?

 Phakathi nenyanga kaJulayi 2022, kube nezigameko ezinyantisayo zokudutshulwa kwabantu:

  •   “Ukubulawa kukasopolitiki owaziwa kakhulu eJapane [uShinzo Abe, owayengundunankulu] kwakhungathekisa izwe lonke, kwashiya umhlaba wonke ushaqekile, ikakhulu njengoba lolu hlobo lodlame lungandile kuleli zwe futhi kunemithetho eqinile elawula ukuphathwa kwezibhamu.”—Julayi 10, 2022, i-The Japan Times.

  •   “Kuphele nasozwaneni kubantu baseDenmark ngesikhathi ushaya-sbhamu ebulala abantu abathathu ezitolo eCopenhagen.”—Julayi 4, 2022, i-Reuters.

  •   “ENingizimu Afrika: Kushone abantu abangu-15 ngemva kokuba amadoda ahlomile evulele inhlamvu endaweni yokucima ukoma, elokishini laseSoweto.”—Julayi 10, 2022, i-The Guardian.

  •   “Bangaphezu kuka-220 abantu abadutshulwe babulawa e-United States phakathi neholidi likaJulayi 4 elihambisana nempelasonto.”—Julayi 5, 2022, i-CBS News.

 Likhona yini ithemba lokuthi udlame olungaka luzophela? Lithini iBhayibheli?

Ukuphela Kodlame

 IBhayibheli lithi siphila “ezinsukwini zokugcina,” okuyinkathi lapho abantu beyoba nonya nesihluku ngezindlela ezingalawuleki. (2 Thimothewu 3:1, 3) Lolo dlame lwenza abantu baphile ngokwesaba. (Luka 21:11) Kodwa iBhayibheli lithi udlame kuzohamba kuhambe luphele, abantu “bayohlala endaweni enokuthula, nasezindaweni zokuhlala ezilondekile nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.” (Isaya 32:18) Luzophela kanjani udlame?

 UNkulunkulu uzoqeda abantu abangalungile nazo zonke izikhali.

  •   “Ababi bayonqunywa emhlabeni.”—IzAga 2:22.

  •   “[UNkulunkulu] uqeda izimpi emhlabeni wonke. Uphula umnsalo anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola zempi uzishisa ngomlilo.”—IHubo 46:9.

 UNkulunkulu uyosusa into ebanga udlame ngokufundisa abantu ukuphila ngokuthula.

  •   “Ngeke neze kulimaze noma kubangele umonakalo kuyo yonke intaba yami engcwele, ngoba nakanjani umhlaba uyogcwala ulwazi ngoJehova njengamanzi egcwalisa ulwandle.”—Isaya 11:9.

  •   Ngisho kwamanje, uNkulunkulu ufundisa abantu emhlabeni wonke ukuba bangabi nodlame futhi bangasebenzisi izikhali, ukuba ‘bakhande izinkemba zabo zibe amageja nemikhonto yabo ibe ocelemba.’—Mika 4:3.

 Ukuze ufunde kabanzi ngesithembiso seBhayibheli somhlaba ongenakho ukwesaba, funda isihloko esithi “Ingabe Ungakhululeka Ekwesabeni?

 Ukuze ufunde kabanzi ngokuqedwa nya kobudlova, funda isihloko esithi “Ukuthula Emhlabeni Ekugcineni!