Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Lithini IBhayibheli Ngokukhonza Izithixo?

Lithini IBhayibheli Ngokukhonza Izithixo?

 Ngokwe-Catholic News Service, enkonzweni eyayise-St. Peter’s Basilica ngoMashi 25, 2022, uPapa uFrancis wama phambi kwesithixo sikaMariya “evale amehlo, egobise ikhanda, ethandaza buthule.” UPapa uFrancis “wayenxusa uMariya” ukuba kube nokuthula. Umbiko we-Vatican News wanezela ukuthi “uPapa wathandaza Enhliziyweni Engcwele KaMariya, ethandazela ukuba Kungcweliswe abantu, ikakhulukazi abaseRussia nabase-Ukraine.”

 Ucabangani? Kulungile yini ukuthandaza phambi kwesithixo noma ukusisebenzisa lapho ukhonza? Cabanga ngala mavesi eBhayibheli alandelayo:

  •   “Ungazenzeli umfanekiso obaziwe nanoma yini efana nento ephezulu emazulwini noma esemhlabeni noma esemanzini ngaphansi komhlaba. Ungakukhothameli futhi ungayengelwa ukuba ukukhonze, ngoba mina Jehova uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu ofuna abantu bazinikele kuye kuphela.”—Eksodusi 20:4, 5. a

  •   “Izithixo zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. Zinomlomo kodwa azikhulumi; zinamehlo kodwa aziboni; zinezindlebe kodwa azizwa; zinamakhala kodwa azikwazi ukuhogela; zinezandla kodwa azikwazi ukuthinta; zinezinyawo kodwa azikwazi ukuhamba; azikwazi ukukhipha izwi ngomphimbo wazo. Abantu abazenzayo bayofana nse nazo, nabo bonke abathembela kuzo.”—IHubo 115:4-8.

  •   “NginguJehova. Yilelo igama lami; inkazimulo yami angiyihlanganyeli nomunye umuntu, noma izithombe ezibaziwe udumo lwami.”—Isaya 42:8, umbhalo waphansi.

  •   “Kubalekeleni ukukhonza izithixo.”—1 Korinte 10:14.

  •   “Ziqapheni ezithixweni.”—1 Johane 5:21.

 Ukuze uthole okwengeziwe mayelana nokuthi lithini iBhayibheli ngokusetshenziswa kwezithombe lapho kukhonzwa, funda isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli—Izithixo” noma ubukele ividiyo ethi Ingabe UNkulunkulu Uyakuvumela Ukuba Sisebenzise Izithombe Lapho Simkhonza?

 Ungase uthande nokuzwa ukuthi lithini iBhayibheli ngalokhu okulandelayo:

Photo credit: Vincenzo Pinto/AFP via Getty Images

a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?