Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

OFakazi BakaJehova NokuQothulwa Kwabantu—Lithini IBhayibheli?

OFakazi BakaJehova NokuQothulwa Kwabantu—Lithini IBhayibheli?

 NgoJanuwari 27, 2023, abantu abaningi bazobe bekhumbula ukufa kwezigidi zabantu, lolu suku lubizwa ngokuthi i-International Holocaust Remembrance Day. Lokhu kubulawa kwabantu ngonya okwenziwa eminyakeni engaphezu kuka-75 edlule, kungakwenza uzibuze ukuthi kungani uNkulunkulu avumela le nto embi kangaka ukuba yenzeke.

 AmaJuda ahlukumezeka kakhulu kulokhu kuQothulwa Kwabantu. Kwahlelwa ukuba kubulawe izigidi ngezigidi zabantu. Nabanye abantu bezinye izinhlanga babulawa phakathi nalokhu kuQothulwa. Phakathi kwabo kwakukhona noFakazi BakaJehova, abashushiswa ngenxa yezinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini.

‘Ikusasa elihle nethemba’

 Abantu abaningi bahlalele ovalweni lokuthi kusengaphinde kwenzeke isigameko esifanayo. Kodwa izindaba ezimnandi ukuthi iBhayibheli lithi kuseza isikhathi lapho singeke sisazibona izigameko ezinjalo zenzeka.

  •   “‘Ngoba ngikwazi kahle engikucabangayo ngani,’ kusho uJehova, ‘ngizoninika ukuthula, hhayi inhlekelele, ukuze nibe nekusasa elihle nethemba.’”—Jeremiya 29:11. a

 Lokhu kuyokwenzeka lapho uJehova uNkulunkulu eqeda ububi futhi elungisa umonakalo odalekile. Maduze:

 Liyaduduza ithemba esilinikwa iBhayibheli, ungalethemba. Ukuze ukubone kahle lokho, sicela uzame isifundo sethu seBhayibheli samahhala.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.