Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yan Zabolotnyi/stock.adobe.com

HLALANI NILINDILE!

Ukwanda Kokwephulwa Komthetho Emhlabeni Wonke—⁠Lithini IBhayibheli?

Ukwanda Kokwephulwa Komthetho Emhlabeni Wonke—⁠Lithini IBhayibheli?

 EHaiti kunobudlova obushaqisayo obubangelwa amaqembu ezigebengu. Ubugebengu obuhambisana nesihluku bubangela ukuhlupheka eNingizimu Afrika naseMexico nakwamanye amazwe aseLatin America. Ngisho nasezindaweni ubudlovu osebunciphe kuzo, imibiko yokwebiwa kwempahla nokucekelwa phansi kwayo yenza abantu bazizwe bengaphephile futhi bekhathazekile.

 Lithini iBhayibheli ngokwephulwa komthetho okwenzeka emhlabeni wonke?

Okwabikezelwa iBhayibheli ngokwephulwa komthetho

 IBhayibheli labikezela ukuthi ukwephulwa komthetho kuyoba olunye lwezimpawu ‘zesiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) Lapho echaza izenzakalo eziyingxenye yalolo phawu, uJesu Kristu wathi:

  •   “Ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho, uthando lwabaningi luyophola.”—Mathewu 24:12.

 IBhayibheli labikezela nokuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu bayokuba “abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle.” (2 Thimothewu 3:1-5) Le mikhuba yabantu yokuzicabangela bona bodwa inomthelela ekwephulweni komthetho esikubona namuhla.

 Kodwa sikhona isizathu sokuba nethemba. IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze ukwephulwa komthetho kuzophela.

  •   “Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho; uyoyibheka indawo yabo, bayobe bengekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.”—IHubo 37:10, 11.

 Funda okwengeziwe ngomyalezo wethemba oqukethwe iBhayibheli nokuthi kungani ungaqiniseka ngokuthi izenzakalo esizibona namuhla zigcwalisa isiprofetho seBhayibheli. Hlola lezi zihloko ezilandelayo.

 Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono

 Zibonakala Ngani ‘Izinsuku Zokugcina,’ Noma ‘Isikhathi Sokuphela’?

 Ingabe IBhayibheli Layibikezela Indlela Abantu Abacabanga Nabenza Ngayo Namuhla?