Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

sinceLF/E+ via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Umphakathi Wona Uzosizwa Ubani?—Lithini IBhayibheli?

Umphakathi Wona Uzosizwa Ubani?—Lithini IBhayibheli?

 INhlangano Yezizwe ibike ukuthi:

  •   Kusukela ngomhla ka-7 kuya ku-23 Okthoba 2023, impi ephakathi kwabaseGaza nabakwa-Israyeli isibulale abantu abangaphezu kuka-6 400, kwalimala abangu-15 200, iningi labo amalungu omphakathi. Ngaphezu kwalokho, amakhulu ezinkulungwane zabantu aye aphoqeleka ukuba ashiye amakhaya.

  •   Ngomhla ka-24 Septhemba 2023, e-Ukraine kwase kufe amalungu omphakathi angu-9 701, engu-17 748 alimele ngenxa yempi ephakathi kweRussia ne-Ukraine.

 IBhayibheli linaliphi ithemba kubantu abathelwe amachaphazelo lapho kunezimpi?

Isizathu sokuba nethemba

 IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu ‘uzoqeda izimpi emhlabeni wonke.’ (IHubo 46:9) Uzosebenzisa uhulumeni noma umbuso wasezulwini, ozongena esikhundleni sabo bonke ohulumeni babantu. (Daniyeli 2:44) UMbuso kaNkulunkulu uzoletha impumuzo kubantu.

 Phawula lezi zinto ezizokwenziwa uJesu Kristu, oyiNkosi YoMbuso KaNkulunkulu:

  •   “[INkosi uJesu Kristu] iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi noswele, iyosindisa ukuphila kwabampofu. Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHubo 72:12-14.

 Esebenzisa uMbuso wakhe, uNkulunkulu uzoziqeda ziphele nya zonke izinsizi nokuhlupheka okubangelwe izimpi nodlame.

  •   “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala sezidlulile.”—IsAmbulo 21:4.

 Maduze, uMbuso kaNkulunkulu uzokwenza ushintsho olukhulu emhlabeni. IBhayibheli lathi siyokuzwa “ngezimpi nemibiko yezimpi,” okuyizinto ezenzeka phambi kwamehlo ethu namuhla. (Mathewu 24:6) Lezi zinto kanye nezinye izigameko, kufakazela ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zokubusa kwabantu.—2 Thimothewu 3:1.