UJESÚS MARTÍN | INDABA YOKUPHILA
“UJehova Wangisindisa Ebunzimeni Obukhulu”
Ngazalelwa eMadrid ngo-1936. Kubantu baseSpain abangontanga yami, lowo unyaka ongasoze walibaleka. Ngalowo nyaka kwaqubuka impi enkulu eSpain.
Leyo mpi yashiya kumapeketwane eSpain cishe iminyaka emithathu, yashiya abantu abaningi belimele emzimbeni nangokomzwelo. Ubaba wayengomunye wabo. Wayehlale eshiseka ezintweni ezimayelana noNkulunkulu, kodwa wadumala kakhulu lapho ethola ukuthi abefundisi bamaKatolika babengene shi empini. Ngakho wanquma ukuthi mina nomfowethu ongelamayo ngeke sibhapathizwe amaKatolika.
Ngo-1950, oFakazi BakaJehova ababili bangqongqoza emnyango wethu. Ubaba wabalalela futhi wavuma ukuthi bamfundise iBhayibheli masonto-onke. Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engu-14, ngangizifela ngebhola. Ubaba wazama ukungenza ngifunde ezinye izincwadi oFakazi abamshiyela zona, kodwa ngangingafuni ukuyingena. Ngelinye ilanga emini ngibuya ebholeni, ngabuza umama ngathi, “Mama, la bantu abafundisa iBhayibheli babuyile futhi?” Wathi, “Yebo, basegunjini lokudlela nobaba wakho.” Ngokushesha ngabuyela emgwaqeni!
Kwangihlaba umxhwele ukuthi lokho kungathandi kwami ukufunda iBhayibheli, akumqedanga amandla ubaba. Empeleni wayewathanda kakhulu amaqiniso ayewafunda kangangokuba ngo-1953 wabhapathizwa waba uFakazi KaJehova. Lesi senzakalo sangenza ngaba nelukuluku, ngaqala ukubuza ubaba imibuzo eminingi. Ngaze ngacela ngisho neBhayibheli. Wahlela noMáximo Murcia, uFakazi osemusha, ukuba angifundise iBhayibheli. Ngemva kweminyaka emibili, lapho ngineminyaka engu-19, ngabhapathizwa eMfuleni iJarama, esempumalanga yeMadrid, ngaba uFakazi KaJehova.
Ukushumayela Phakathi Nobushiqela BukaFranco
Ngabo-1950, kwakuyinselele ukushumayela nokuhlangana ndawonye. Umashiqela uFrancisco Franco wayebusa eSpain, wayefuna bonke kuleli zwe babe amaKatolika. Ngenxa yalokho, amaphoyisa ayevame ukubahlukumeza oFakazi BakaJehova. Sasihlangana emizini yethu, siqikelele ukuthi asenzi lutho olusolisayo komakhelwane ababengase basimpimpe emaphoyiseni. Nomsebenzi wokushumayela endlini ngendlu sasiwenza ngendlela engadonsi amehlo ngezinga esasingakwazi ngalo, sikhethe imizi emibili-emithathu bese ngokushesha sidlulele kwenye indawo. Abantu abaningi bawulalela umyalezo esasiwushumayela, kodwa awuthandwanga yiwo wonke umuntu.
Ngelinye ilanga ngahlangana nomfundisi wamaKatolika komunye umuzi ngishumayela. Lapho ngethula udaba, wabuza: “Ubani oninike igunya lokwenza lokhu? Uyazi ukuthi ngingafonela amaphoyisa?” Ngamtshela ukuthi sikulungele lokho. Ngabe sengithi, “Izitha zikaJesu Kristu nazo zazama ukumbophisa. Akufanele yini silindele ukuthi abalandeli bakhe nabo babhekane nento efanayo?” Engajabule ngaleyo mpendulo, lo mfundisi wangena endlini ukuze afonele amaphoyisa. Kwakungasekho engangingakwenza, ngahamba ngokukhulu ukushesha.
Naphezu kwalezo zinto ezimbi, abamemezeli abangamakhulu ambalwa baseSpain bathola ukuthi izwe selikulungele ukuvuna okungokomoya. NgoFebhuwari 1956, lapho ngina-19, ngamiswa njengephayona elikhethekile. a Iningi lethu sasingamaphayona asemasha ngeminyaka singakabi nolwazi oluningi, kodwa ngosizo lwezinye izithunywa zevangeli, saqeqeshwa sathola nesikhuthazo esisidingayo. Mina nelinye iphayona eliselisha ngokweminyaka, sathola isabelo sokuyokhonza e-Alicante, endaweni okwakungakaze kushunyayelwe kuyo. Ngezinyanga nje ezimbalwa, saqala izifundo eziningi zeBhayibheli sahambisa namakhulu ezincwadi.
Abantu bawuphawula umsebenzi wethu. Ngemva kokuchitha izinyanga nje ezimbalwa e-Alicante, amaphoyisa asibopha athatha namaBhayibheli ethu. Asivalela ejele izinsuku ezingu-33, ngemva kwalokho sayiswa eMadrid, lapho esakhululelwa khona. Lokho kugqunywa isikhashana ejele kwakusewukunambitha nje izinto ezazisazokwenzeka.
Isikhathi Esinzima Kunazo Zonke Empilweni Yami
Ngesikhathi ngina-21, ngathola umyalo wokuba ngijoyine amasosha. Kwadingeka ngiye ekamu lamasosha eNador—indawo ngaleso sikhathi eyayingaphansi kwesivikelo seSpain esenyakatho yeMorocco. Kuleyo ndawo, phambi komholi wempi, ngayiveza ngenhlonipho indlela engizizwa ngayo. Ngeke ngiye empini, futhi ngeke ngiyigqoke inyufomu yabo. Amaphoyisa ezempi angithatha ayongivalela ejele laseRostrogordo, eMelilla, lapho engalinda khona ukuthi inkantolo yezempi iqule icala lami.
Ngaphambi kwecala, umkhuzi webutho laseSpain eMorocco wayala ukuba ngishaywe ngize ngishintshe umqondo. Ngathukwa, ngabhaxabulwa ngesitshwebhu imizuzu engu-20, ngakhahlelwa ngawa phansi sekunzima kakhulu. Wayengakadeli ukaputeni, wayelokhu engigxoba ekhanda ngamabhuzu amasosha, ayeke kuphela uma esebona kugobhoza igazi. Babe sebengihambisa ehhovisi lakhe, lapho asho khona lokhu ngezwi elithethayo: “Angikaqedi ngawe. Uzophila le mpilo zonke izinsuku!” Wathi onogada abangivalele esitokisini esingaphansi. Kuleso sitokisi kwakugcwele umsokama kumnyama, amathemba enganginawo afiphala.
Ngisakhumbula kahle ngelinye ilanga ngilele phansi esitokisini, ikhanda lami ligcwele igazi. Kwakungenalutho, nganginengubo nje ewunswinswinswi engangizisonga ngayo, bese kuba neqeqebana-ke lamagundane elalilokhu lehla lenyuka. Okuwukuphela kwento engangikwazi ukuyenza, ukuthandaza kuJehova ngicele amandla nokuthi angisize ngikhuthazele. Ngathandaza kaningi kulelo tilongo elimnyama nelibandayo. b
Ngakusasa bangiphinda futhi ngenduku, ngishaywa esinye isikhulu samasosha. Ukaputeni wayelokhu ebhekile efuna nje ukuqiniseka ukuthi abangirobhi ngenduku. Kulelo qophelo ngase ngizibuza ukuthi ngisazokwazi yini ukuqhubeka ngibekezelela le mpatho. Ngobusuku besibili esitokisini sami, ngancenga uJehova ukuba angisize.
Ngosuku lwesithathu ngabizwa futhi, ngibizelwa ehhovisi likakaputeni. Lwalungibulala uvalo. Lapho ngingena ehhovisi, ngathandaza kuJehova. Phakathi ngangilindwe uDon Esteban, c unobhala wenkantolo yezempi. Wayezele ukuzoqala indaba yokuqulwa kwecala lami enkantolo yezempi.
Lapho uDon Esteban ebona amabhandishi ekhanda lami, wangibuza ukuthi kwenzekeni. Kwakunzima ukusho ngoba ngangesaba ukuthi bazongiphinda futhi, kodwa ngamtshela iqiniso. Lapho ezwa okwenzekile, uDon Esteban wathi: “Ngeke ngikwazi ukuvimba ukuqulwa kwecala lakho. Kodwa qiniseka ngokuthi akekho ozophinde akubeke isandla.”
Kwaba njalo ngempela, esikhathini engasichitha ejele, akekho noyedwa owake wangibeka isandla. Namanje angazi ukuthi kungani ijaji lakhetha ukuzokhuluma nami ngalolo suku. Engikwaziyo nje ukuthi imithandazo yami yaphendulwa ngendlela engakholakali. Ngayibona indlela uJehova angikhulula ngayo esikhathini esinzima kunazo zonke empilweni yami futhi akavumanga ukuba ngishushiswe ngezinga engingakwazi ukulithwala. (1 Korinte 10:13) Ngaya kulelo cala ngimethemba ngokugcwele uJehova.
Inkantolo yezempi yangigweba iminyaka engu-19 ngibhadla ejele, kamuva kwenezelwa eminye emithathu ngoba kuthiwa “angilaleli.” Ngemva kwezinyanga ezingaba ngu-15 eMorocco, ngashintshelwa e-Ocaña Penitentiary, engaqhelile kakhulu eMadrid, ngayoqedela khona isigwebo sami. Ukushintshelwa e-Ocaña kwakuyisibusiso esivela kuJehova. Yayiwumbuso uma iqhathaniswa neRostrogordo. Kwakunombhede, umatilasi namashidi. Ngemva kwesikhathi, ngaba umgcini wezincwadi ejele. Kodwa ukuboshwa isikhathi eside kubanga umzwangedwa ngezinye izikhathi. Enye into eyayinzima kakhulu kimi, ukuthi ngangingakwazi ukuba nabafowethu engikhonza nabo uJehova.
Abazali bami babenokungivakashela, kodwa ngangisidinga ngempela isikhuthazo esengeziwe. Abazali bami bangitshela ukuthi abanye abafowethu nabo benqabile ukujoyina amasosha. Ngathandaza kuJehova ngacela ukuthi athumele okungenani umzalwane oyedwa ejele engangikulo. UJehova waphinde wayiphendula imithandazo yami eqotho—wenza okungaphezu kwalokho engangikulindele. Kungakabiphi, kwatheleka abazalwane abathathu abathembekile—u-Alberto Contijoch, uFrancisco Díaz no-Antonio Sánchez—bangijoyina ejele lase-Ocaña. Ngemva kokuba unkom’ idla yodwa iminyaka emine, ngase nginabangani abathanda uJehova. Sasikwazi ukutadisha ndawonye sishumayeze nezinye iziboshwa.
Ukukhululwa Nokubuyela Emsebenzini
Ngo-1964, ngagcina ngikhululiwe ngenxa yokuziphatha kahle. Isigwebo seminyaka engu-22 sancishiswa saba iminyaka nje engu-6 nohhafu. Ngalo kanye usuku engaphuma ngalo ejele, ngaya emhlanganweni wami wokuqala webandla. Nakuba kwadingeka ngisebenzise amasente engangiwabekile ukuze ngibuyele eMadrid, ngafika ngesikhathi emhlanganweni. Kwakuyisibusiso esikhulu ukuphinde ngibe nabafowethu! Kodwa kukhona okunye engangifuna ukukwenza. Ngangifuna ukubuyela ezinhlwini zamaphayona ngawo lowo mzuzu. Nakuba amaphoyisa ayesabahlukumeza abafowethu, abantu babesabela ezindabeni ezinhle, wawusemningi umsebenzi okwakudingeka wenziwe.
Ngaleso sikhathi, ngahlangana noMercedes—udade oshisekayo osemusha owayekhonza njengephayona elikhethekile. UMercedes wayethobekile elangazelela ukushumayeza noma ubani angakwazi ukushumayela kuye. Wayenomusa futhi ephana, lobo buntu bamenza waba yigugu kimi. Sathandana, sashada ngemva konyaka. UMercedes ube isibusiso esikhulu kimi.
Ngemva kwezinyanga sishadile, sathola isabelo sokukhonza emsebenzini wokujikeleza. Sasivakashela amabandla ehlukene iviki ngalinye, sijoyina abafowethu emihlanganweni yabo nasemsebenzini wokushumayela. Kwakumiswa amabandla amasha kulo lonke elaseSpain, abafowethu babedinga usizo nesikhuthazo. Kunesikhashana lapho engaba nelungelo khona lokusebenza izinsuku ezithile ehhovisi eliwumshoshaphansi loFakazi BakaJehova eBarcelona ukuze ngisize emsebenzini owawuqhubeka lapho.
Ukwenza izinto ngomshoshaphansi kwaphela ngo-1967 lapho uhulumeni ephasisa umthetho onikeza zonke izakhamuzi zaseSpain ilungelo elingokwenkolo. Ekugcineni, ngo-1970, oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho. Sase sikwazi ukuhlangana ngokukhululekile, sibe namaHholo ethu oMbuso, size sivule ngokusemthethweni ihhovisi legatsha.
Isabelo Esisha Enkonzweni KaNkulunkulu
Ngo-1971, mina noMercedes sacelwa ukuba sikhonze njengamalungu esikhathi esigcwele ehhovisi legatsha elisha eBarcelona. Kodwa kwathi nje emva konyaka, uMercedes wakhulelwa wazala u-Abigail, indodakazi yethu enhle. Kwadingeka sinqamule inkonzo yethu yaseBethel samukele esinye isabelo, esiwukukhulisa indodakazi yethu.
Lapho u-Abigail esekhula-khulile, ihhovisi legatsha labuza ukuthi singakwazi yini ukubuyela emsebenzini wokujikeleza. Sathandaza ngale ndaba, sacela iseluleko kubafowethu abavuthiwe. Omunye umdala wathi: “Jesús, uma bedinga ukuthi ubuyele khona, kufanele uvume.” Saphinde sathatha olunye uhambo olunomvuzo ekuphileni kwethu. Saqale sahambela amabandla asendaweni eseduze nasekhaya ukuze sikwazi ukuqhubeka sinakekela u-Abigail. Ngokuhamba kwesikhathi wakhula waqala ukuzimela, saba nethuba lokwenza umsebenzi owengeziwe enkonzweni yesikhathi esigcwele.
Mina noMercedes sakhonza iminyaka engu-23 emsebenzini wokujikeleza. Ngalijabulela kakhulu leli lungelo, langinika ithuba lokusebenzisa ulwazi enginalo ukuze ngikhuthaze abasebasha. Ngezinye izikhathi lapho ngifundisa abadala nezikhonzi zesikhathi esingcwele, sasihlala eBethel yaseMadrid. Okumangazayo, kunoMfula iJarama oqhele ngamakhilomitha amathathu eBethel—yiwo kanye lowo mfula engabhapathizelwa kuwo ngo-1955. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngibuye endaweni efanayo ngemva kwamashumi eminyaka ngizosiza izinsizwa nezintombi zilungele imithwalo eyengeziwe enkonzweni kaJehova.
Kusukela ngonyaka ka-2013, siphinde sakhonza njengamaphayona akhethekile. Uma ngikhuluma iqiniso nje akuzange kube lula ukuyeka ukujikeleza sibe amaphayona, kodwa lokhu kwaba kuhle kakhulu. Muva nje, ngibe nezinkinga zempilo, ezihlanganisa ukuhlinzwa okubucayi kwenhliziyo. Ngalezo zikhathi, kwadingeka ngincike osizweni lukaJehova, njengoba kuhlale kwenzeka, akakaze angishiye. Kuleyo minyaka engu-56, umkami uMercedes wangisekela ngobuqotho, ubelokhu ewumngani weqiniso kimi kuzo zonke izabelo zenkonzo.
Ngihlale ngizikhumbula izikhathi ezijabulisayo engangifundisa ngazo. Ngisabubona ngeso lengqondo ubuso babafundi obomele ulwazi. Ukulangazela kwabo kwakungenza ngikhumbule ebusheni bami, nentshiseko enganginayo ngesikhathi ngiqala inkonzo engcwele. Kwadingeka ngikhuthazelele izikhathi ezinzima, kodwa kuphinde kwenzeka nezinto eziningi ezinhle kakhulu. Ngisho nezilingo ezinzima zingifundise izifundo ezibalulekile—esikhulu kunazo zonke ukuthi akufanele ngithembele emandleni ami. Izinkinga zinginikeze ithuba lokubona isandla sikaJehova esinamandla—isandla ebesilokhu singipha amandla—ngisho nasebunzimeni obukhulu.—Filipi 4:13.
a Iphayona elikhethekile isikhonzi sesikhathi esigcwele esivolontiyayo ukuthunyelwa endaweni ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elithola ukuthi inesidingo sabantu abafundisa iBhayibheli.
b Lelo tilongo elingamamitha-skwele angu-4 elalingenayo indlu yangasese, laba ikhaya lami izinyanga ezingu-7. Ngangilala phansi kungcolile ngobhulankethi owodwa.
c Elithi “Don” isiqu esiyisihloniphiso emazweni akhuluma iSpanishi, sisetshenziswa ngaphambi kwegama lomuntu.