Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW BROADCASTING

Imibuzo Evame Ukubuzwa​—I-JW Broadcasting (Roku)

Imibuzo Evame Ukubuzwa​—I-JW Broadcasting (Roku)

Kungenzeka ukuthi ubhala amagama angafanele. Bheka isifundo esithi Ukufaka Isiteshi Sokusakaza Se-JW. Esinye isizathu kungaba ukuthi umshini wakho wobuchwepheshe okwamanje awukwazi ukusidlala lesi siteshi. Isiteshi Sokusakaza Se-JW sidlala kuyi-Roku 1, i-Roku 2, i-Roku 3 nakuyi-Roku Streaming Stick.

Ungakwazi ukubukela ama-video anoma yiluphi ulimi kulezi ezilandelayo usebenzisa i-app ye-Roku: Isi-Albanian, uLimi Lwezandla Lwase-Argentina, uLimi Lwezandla LwaseBrazil, uLimi Lwezandla LwaseColombia, uLimi Lwezandla LwaseMelika, uLimi Lwezandla LwaseMexico, isiCroatia, isiDanish, isiDashi, isi-Estonia, isiFinnish, isiFulentshi, isiHungaria, isi-Indonesia, isiJalimane, isiKinyarwanda, isiNgisi, isiNorway, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSpanishi, isiSwidi, isiTsonga, isiXhosa, isiZulu.

Sebenzisa ingxenye ethi Ulimi esekhasini lokuqala le-JW Broadcasting.

 

Uhlelo lwe-computer lweSiteshi Sokusakaza Se-JW ludawunilodwa futhi lusetshenziswe mahhala.

 

Kudingeka i-credit card lapho uvula i-akhawunti ye-Roku ngoba akuzona zonke izinto ezikuyi-Roku Channel Store ezimahhala. Bayothatha imali kuphela uma ukhetha ukuthenga. Ukuze uthole okwengeziwe, ngena kuyi-Roku’s support.

Ungacela umngane ojwayelene ne-Roku noma Isiteshi Sokusakaza Se-JW ukuba akusize. Uma umbuzo wakho uphathelene nomshini wakho wobuchwepheshe we-Roku noma i-akhawunti yakho ye-Roku, thola usizo engosini yakwaRoku. Uma inkinga onayo iphathelene nohlelo lwe-computer lweSiteshi Sokusakaza Se-JW, sicela ugcwalise ifomu lethu elisengosini bese ulithumela nge-Internet.